Umqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa lekhilikithi, uRob Walter, uthembisa ukuthi ngeke bashintshe okuningi uma sebebhekene ne-Afghanistan kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba yeT20 ngoLwesine.
Lo mdlalo ozobanjelwa eBrian Lara Cricket Academy, eTrinidad and Tobago, uzoqala ngo-2.30 ngoLwesine ezintathakusa ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika.
AmaProteas azibekisele indawo kweyomkhumulajezi ngokuqhwakela kuGroup 2 esigabeni sesibili samaqoqo, iSuper 8, lapho enqobe khona yomithathu imidlalo, aqeda enamaphuzu ayisithupha.
I-Afghanistan ilale isibili kuGroup 1 ngamaphuzu amane ngenxa yokuthi inqobe i-Australia neBangladesh, yahlulwa yi-India.
“Sinqobe imidlalo esiyidlale kahle saphinde sanqoba emine singadlalanga kahle, okuwuphawu oluhle. Okwamanje besithatha umdlalo ngamunye, sakwazi ukunqoba eyisikhombisa ilandelana. Sekusele emibili, engithemba ukuthi ngeke usijulukise kakhulu,” kusho uWalter.
“Abadlali bayazethemba. Awukwazi ukudlula kule zimo esidlule kuzona kodwa ungazethembi. Siyakwazi okufanele sikulungise kodwa asihlosile ukushintsha okuningi. Kufanele sigxile kulokhu okusisebenzele yize sazi ukuthi akhona namaphutha esiwenzile.”
Ukaputeni u-Aiden Markram uvumelene nomqeqeshi ngokuthi abakalikhombisi izinga labo eliphezulu kodwa unethemba lokuthi bazobhukula njengoba sebefike emidlalweni engowafawafa.
“Asikawudlali umdlalo esingathi senze kuwona zonke izinto kahle. Uma sibheka ukuthi sinqobe imidlalo eyisikhombisa kodwa sisenza amaphutha kusikhombisa ukuthi sisethubeni lokufika ezingeni elingcono,” kusho uMarkram.
“Akukho okutheni okuzoshintsha kulo mdlalo. Asiyizwa kakhulu ingcindezi yokuthi kufanele sizifake kowamanqamu kodwa umoya engiwuzwayo ekhempini owokuthi iqembu liwubheke ngabomvu umdlalo.”
I-India izidudulana ne-England komunye umdlalo owandulela owamanqamu ozodlalelwa eProvidence Stadium eGuyana, ngoLwesine ngo-4 ntambama.