LIYIQALE ngegiya eliphezulu imidlalo yamaqoqo eNdebeni yoMhlaba iqembu lesizwe labesilisa lekhilikithi ngesikhathi lixebula iSri Lanka ngamawikhethi ayisithupha ngoMsombuluko ebusuku.
AmaProteas angene kulo mqhudelwano engenawo umgqigqo omuhle kulandela isibhaxu asanda kusithola ochungechungeni aludlale neWest Indies ngenyanga edlule lapho enqotshwe khona kuyona yomithathu imidlalo.
Bekubhekwe ukubuya kwabadlali abanamava abebengekho eWest Indies ngenxa yokuthi bebedlala kwi-Indian Premier League. Nembala kuwenzile umehluko eqenjini likaRob Walter.
UQuinton de Kock noReeza Hendricks yibona kuphela abadlali abaqalile ababekhona emdlalweni wokugcina neWest Indies.
ISri Lanka iyona enqobe ithosi yakhetha ukubhetha kuqala kulo mdlalo obuseNassau County International Cricket Stadium, eNew York.
Abashwibi bakuleli abayinikanga ithuba lokuqongelela ama-run amaningi njengoba bebezithathela kalula amawikhethi, yaphelelwa amawikhethi kwi-over yokugcina isashaye ama-run angu-77 kuphela.
Bekubhoke kakhulu u-Anrich Nortje, othathe amawikhethi amane, waqokwa njengomdlali ovelele. UKagiso Rabada noKeshav Maharaj bathathe amabili ngamunye, u-Ottniel Baartman wathola eyodwa.
Iqembu lakuleli belidinga ukushaya ama-run angu-78 kuma-over angu-20 ukuze linqobe.
Umsebenzi uqalwe nguDe Kock, oshaye ama-run angu-20 emabholeni angu-27, uHendricks washeshe waphuma esashaye amane emabholeni amabili.
Ukaputeni u-Aiden Markram wengeze ama-run angu-12, uTristan Stubbs washaya angu-13 ngaphambi kokuthi uHeinrich Klaasen aphothule umsebenzi ngokushaya angu-19.
Iqembu lakuleli linqobe ngokufinyelela kuma-run angu-80 kuma-over angu-16.2, selilahlekelwe amawikhethi amane.
Lo mphumela ubeke wamaProteas esicongweni kuGroup D ngamaphuzu amabili. Amaqembu amabili azobe eqhwakele uma sekusongwa yamaqoqo azodlulela esigabeni sesibili samaqoqo, iSuper 8.
Umdlalo olandelayo kuleli qoqo uzoba phakathi kweNepal neNetherlands ngoLwesibili ngo-5.30 ntambama.
NgoMgqibelo iSri Lanka izotholana phezulu neBangladesh ngo-2.30 ezintathakusa bese amaProteas ebuyela enkundleni ukuyobhekana neNetherlands ngo-4.30 ntambama ngosuku olufanayo.