IQEMBU lesizwe lekhilikithi labesilisa lizongena eNdebeni yoMhlaba ye-T20 lazi ukuthi kumele libhukule ngemuva kokuhlulwa kuyona yomithathu imidlalo eliyidlale ne-West Indies.
AmaProteas ashaywe ngama-run angu-28 emdlalweni wokuqala ngoLwesine, aphinde ashaywa ngama-run angu-16 ngoMgqibelo, nangamawikhethi ayisishiyagalombili ngeSonto.
Iqembu likaRob Walter belingaphelele ngenxa yokuthi abanye abadlali bebesabambe iqhaza kwi-Indian Premier League. Kulindeleke ukuthi benze umehluko kulo mqhudelwano ozoqala ngeSonto, eWest Indies nase-USA.
URassie van der Dussen ubehola iqembu kulolu chungechunge neWest Indies ngenxa yokuthi ukaputeni, u-Aiden Markram, ungomunye walaba abebengekho.
“Sidumele impela. Lokhu akukhona obekusemiqondweni yethu ngesikhathi siza lapha. Bebephezu kwethu kusukela emdlalweni wokuqala. Asikwazanga ukumelana nenselelo, sangaqhamuka nazimpendulo. Aseneme ngalokho,” kusho uVan der Dussen, ongafakwanga kweliya eNdebeni yoMhlaba.
“Ngaphambi komdlalo wokugcina sikhulume ngokuthi kufanele sishaye kahle kodwa sahluleka ukwenza lokho. Isikhathi sokukhuluma sesiphelile, sizodinga abadlali bethu abanamava ukuthi bangene basize iqembu lithuthuke. Asikwazi ukubeka izaba.”
AmaProteas azodlala owokuqala weNdebe yoMhlaba neSri Lanka eNew York, ngoMsombuluko ntambama. Azophinde adlale eminye imidlalo emithathu yamaqoqo neNetherlands, Bangladesh neNepal.
Angu-20 amaqembu akulo mqhudelwano afakwe emaqoqweni amane anamaqembu amahlanu ngalinye.
Amaqembu amabili azophuma phambili eqoqweni ngalinye azodlulela kwesinye isigaba esaziwa ngeSuper 8, lapho ezofakwa khona emaqoqweni amabili anamaqembu amane.
Amabili azoqhwakela eqoqweni ngalinye leSuper 8 azongena kweyandulela owamanqamu.