UKUQONDA ubungozi beNigeria nokuyinika inhlonipho eyifanele yikhona okuzoba wukhiye obheke empumelelweni yeBafana Bafana elindwe amaSuper Eagles, kowandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon) kusasa ngo-7 ebusuku ePeace Stadium of Bouake, e-Ivory Coast.
Lona wumuzwa oqapheleke kubadlali abane beBafana abakhulume ngokwahlukana nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa), izolo ntambama ngaphambi kokuthi iqembu labo liyozijwayeza inkundla okuzodlalwa kuyona.
UGrant Kekana, Aubrey Modiba, Thabang Monare noNkosinathi Sibisi, bonke bayakholelwa ekutheni iBafana inethuba lokudlula kwiNigeria kodwa kunezinto okusemqoka okufanele ukuthi aziphume emqondweni wabazobe besenkundleni.
IBafana neNigeria bafika kulo mdlalo nerekhodi elithi alifane kodwa okucace ngawo womabili la mazwe wukuthi alokhu eya ngokudlondlobala ngokuhamba kwe-Afcon, ekubeni ebengabalwa kwabebesethubeni lesicoco ngaphambi kokuqala komqhudelwano osongwa ngeSonto ebusuku.
“Omunye umdlalo onzima ngoba nakuwona sibhekene neqembu elilukhuni futhi elibunjwe ngenqwaba yabadlali beqophelo eliphezulu, okusho ukuthi kufanele sibhukule kakhulu,” kusho uKekana.
Lesi sitobha seSundowns esiseqiwe oweMali kuphela, sineme ngabakwenzayo ukuhlelela iNigeria.
Ngomdlalo uModiba uthe: “Simatasa ukulungisela umdlalo onzima neqembu eliqinile emuva. Esikudingayo wukwenza lokhu ebesilokhu sikwenza, sibahloniphe, bese sizibamba ziqine ngoba vele yibona abathishwe ukuthi badlulele phambili.”
UMonare noSibisi abebengakalitholi ithuba, babalule ubumqoka bokukhumbula ngaso sonke isikhathi ukuthi babhekene neqembu elinzima.
“Siwulungele ngayo yonke indlela umdlalo kodwa siyazi ukuthi kuzoba nzima,” kusho uMonare.
USibisi usonge ngokuthi: “Bayaziwa ngabadlali babo (ukuthi) ngabeqophelo eliphezulu kodwa nathi siyakwazi okufanele sikwenze. Sizoqhubeka lapho sigcine khona kodlule.”
Kwenzeka konke lokhu umqeqeshi weBafana, uHugo Bross, ukubona njengesinye sezinongo zomdlalo ukubhekana neNigeria ekubeni la mazwe esazophinde ashikilisane sekubangwa indawo koweNdebe yoMhlaba ka-2026.
Sekuphele iminyaka abathandi bakanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika bengcofana nabaseNigeria ezinkundleni zokuxhumana, ngakho-ke lo mdlalo unezinongo eziningi okungenye yezinto ezikitaza uBroos, ayibona inika iqembu lakhe ithuba.
“Lo mdlalo unezinongo eziningi okwenza ulindelwe ngabaningi njengokuthi sidlala nabo kwi-Afcon nje, sisazobhekana futhi eminyakeni emibili ezayo sesibanga indawo koweNdebe yoMhlaba,” kusho umqeqeshi ethimbeni leSafa labezindaba elihamba neBafana kwi-Afcon.