Indlela yokuchaza izingaqophelo lalokhu kudla wukuba lula kwayo iTshotlo, isidlo senyama esithandwa kakhulu esiyingxenye yokuyigugu kumaTswana.
Kudinga izithako ezine kuphela ukupheka lokhu kudla okugcwele ubumnandi: inyama yenkomo yokwenza isitshulu (noma eyesiklabhu) iphekwa kancane ebhodweni ize ixebuke emathanjeni, bese iyagaywa, idonswe noma igaywe ize ibe yizicucu. ITsholo ithandwa kakhulu emishadweni nakweminye imicimbi enabantu abantu abaningi, lapho ivame ukuphekwa amahora amaningi emlilweni waphansi, futhi iyinyama yesintu yemicimbi yaseBotswana, lapho ibizwa nge-Seswaa. Phaka iTsholo ngendlela yesintu ne-ting (iphalishi elibilisiwe) noma nepapa noma ujeqe.
Njengezakhamizi zaseNingizimu Afrika, sinokudla kwesintu okunhlobonhlobo okuyigugu kithi okusihlanganisayo. Thola okunye ngezidlo nezindaba zesintu zaseNingizimu Afrika ku-https://bit.ly/3jf2Qkv
ITshotlo
Iphakelwa abantu abayi-6.
Izithako
1kg wenyama yenkomo yokupheka isitshulu
1.5ℓ amanzi abilayo
I-Knorrox beef stock cube e-1
10ml (amathispuni ama-2) e-Robertsons Origanum
Indlelakwenza
Faka inyama yenkomo, amanzi, i-Knorrox beef stock cube ne-Robertsons Origanum. ebhodweni elikhulu. Bilisa bese uyekele kubile kancane kancane, uvale ngesivalo, inyama ize ithambe tobo bese ixebuke ethanjeni. Khipha inyama oketshezini bese uyibeka esitsheni esikhulu. Yekela isobho elisele liqhubeke nokubila kancane kancane lize linciphe libe wuhhafu.
Xebula amathambo enyameni. Thatha isipuni esikhulu upitshize inyama ize ibe sengathi iyizintambo. Faka inyama eyizicucu esobhweni eselinciphile bese ugovuze kahle.
Yiphake ishisa ne-ting, ipapa noma ujeqe.
Klala izinga lamaphuzu futhi ubuyekeze le risiphu yeTshotlo ku-https://bit.ly/3mAmrOb