Isidlo sasendulo samaMalay aseKapa, lokhu kudla okunuka kamnandi nokuletha injabulo kuqukethe inkukhu, amazambane, izipayisi nama-herbs aphekwe nerayisi elikhukhumele elinuka kamnandi. Lesi yisidlo esivusa unyembezi oluvuswa umuzwa nakanjani uma ukhumbula izikhathi zasebunganeni ngenxa yephunga elimnandi lezipayisi livela ekhishini ntambama lina izulu! I-Akhni ifana nohlobo luka-breyani nom i-biryani yaseKapa, kodwa ilulana: inkukhu ayidingi ukucwiliswa ku-marinade kuqala, futhi izithako azilekani. Ungafaka uphizi oyiqhwa (noma omusha) nokheroti ku-Akhni yakho uma uthanda, kodwa imnandi injengoba injalo, futhi imnandi kakhulu uma iphakwa ne-sambal entsha eyenziwe ngotamatisi, u-anyanisi nopelepele.
Ezweni eligcwele izinto ezahlukene, ukudla kuyinto esiyithokozelayo esihlanganisayo. Zama into entsha futhi uhlole ukudla okumnandi nezindaba ngokudla okuyigugu kwaseNingizmu Afrika ku-https://bit.ly/3jf2Qkv
I-Akhni
Iphakelwe abantu abayi-6.
Izithako
1kg wamaqatha enyama yenkukhu
75ml (izipuni ezi-5) ibhotela
15ml (isipuni esi-1) se-vegetable oil
5ml (ithispuni eli-1) lama-cumin seeds
izingcezu ezi-2 zezinduku ze-cinnamon
ama-cardamom pods ama-4
ama-clove ama-5
amaqabunga e-bay ama-2
10 Ama-Robertsons peppercorns
u-anyanisi omkhulu o-1, oqotshisisiwe
15ml (ithispuni ei-1) likajinja/likagaligi ogayiwe
10ml (amathispuni ama-2) e-Rajah Mild Masala Curry Powder
1.25ml (i-¼ lethispuni) e-Robertsons Turmeric
10ml (amathispuni ama-2) e-Robertsons Chilli Powder
5ml (ithispuni eli-1) e-ground cumin
10ml (amathispuni ama-2) e-ground coriander
7.5ml (ithispuni eli-1½) e-garam masala
otamatisi abakhulu aba-2, besuswe isikhumba futhi bagaywa
10ml (amathispuni ama-2) e-tomato paste
inkomishi e-1 (250ml) yerayisi le-basmati noma i-long-grain elingaphekiwe
amazambane ama-3, asikwe aba amakota
i-coriander entsha eyanela isandla
amaqabunga e-mint anela isandla
500ml (izinkomishi ezi-2) amanzi
2ml kasawoti, ukuze kunambitheke
Indlelakwenza
Shisisa uhhavini ku-160 °C.
Sula amaqatha enkukhu ome usebenzisa iphepha lasekhishini bese uyibeke eceleni. Hluba amazambane bese uwaqobe abe yizingcezu ezine, noma ezincane uma uthanda. Faka izipuni zamanzi ezimbalwa, umboze bese upheke ngomusi imizuzu emi-5 ku-microwave, noma uwapheke ngokubilisa amanzi esitofini imizuzu eyi-10. Beka eceleni.
Fudumeza izipuni ezi-2 zebhotela kanye nesipuni esi-1 samafutha ebhodweni elikhulu. Fama ama-cumin seeds, izinduku ze-cinnamon, ama-cardomon pods, ama-cloves, amaqabunga e-bay kanye nama-peppercorn, bese uthose kuze kukhiphe iphunga elihlangene. Manje faka u-anyanisi bese uthose kuze kube golden brown futhi kube wumbala wekharameli.
Govuza ujinja/ugaligi ogayiwe bese uthose umzuzu owodwa. Faka i-Rajah Mild Masala Curry Powder, i-turmeric, chilli powder, i-cumin, i-coriander ne-garam masala, bese uthose imizuzu emi-2.
Faka amaqatha enkukhu bese uxove kahle. Shiya ibhodwe lingamboziwe bese uthose izithako imizuzu eyi-10 emlilweni ophansi. Faka amaconsi amanzi amabalwa lapho edingeka. Faka utamatisi ne-tomato paste.
Mboza ibhodwe bese upheke imizuzu eyi-10 futhi. Govuza irayisi, amazambane, i-coriander neminti. Faka izinkomishi ezi-2 zamanzi (noma ngaphansi, kuncike ekutheni ucabanga ukuthi amazambane azovuthwa esikhathini esingakanani). Nandisa ngosawoti.
Mboza ibhodwwe bese ulifake kuhhavini. Bhaka isikhathi esiyihora, noma kuze kuvuthwe amazambane nerayisi. Uma sekuphekiwe, i-Akhni kumele ihlale ithambile kancane kodwa akumele ivuthwe ngokweqile. Maphakathi nesikhathi sokupheka, sika izipuni ezi-3 ezisele zebhotela abe izikwele bese uwafake ebhodweni.
Phaka kusashisa.
Sazise uma uzame lerisiphu ye-Akhi ngokukala iznga lamaphuzu nokubuyekeza ku-https://bit.ly/3sJdyTF