ZIZONQANYULWA izinkontileka zezinkampani ezine, ezathola umsebenzi wokukhokhela izitshudeni imihlomulo ekhishwa isikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).
Lokhu kuvezwe usihlalo webhodi leNSFAS uMnuz Ernest Khosa, esithangamini nabezindaba emva kophenyo lwabameli iWerksmans Attorneys noqweqwe lommeli u-Advocate Tembeka Ngcukaaitobi SC.
UKhosa uthe sebebhalele nesikhulu esiphezulu salesi sikhwama esathathiswa ikhefu, uMnuz Andile Nongogo, ukuthi ababhalele abazise ukuthi kungani kungamele inqanyulwe inkontileka yakhe.
Uveze nokuthi bonke abasebenzi balesi sikhwama abathinteka embikweni wethimba labameli, bazoqondiswa ubugwegwe.
“Njengoba zizonqamuka izinkontileka zezinkampani ebezenza umsebenzi wokukhokha imihlomulo, sizoqikelela ukuthi izitshudeni aziphazamiseki. Sizobuyekeza nemigomo ethinta ukukhishwa kwemisebenzi, ihambisane nekaMgcinimafa.”
UKhosa usho lokhu nje izitshudeni bezikhala mihla namalanga ngokunikwa kwalezi zinkampani umsebenzi.
Kwasuka iziteleka nezibhelu ezikhungweni eziningi ezehlukene kuleli izitshudeni zikhononda ngokuthi aziyitholi ngesikhathi imihlomulo yazo.
UKhosa uveze nokuthi umbiko uveze nokuthi akuzange kwenziwe ucwaningo olunzulu ngaphambi kokuqalwa kohlelo lokuthi kukhokhwe le mihlomulo kusetshenziswa lezi zinkampani.
“Umbiko uveza ukuthi asikho isizathu esenza ukuthi lungenziwa ucwaningo ngoba lwalubalulekile ngaphambi kokuqala kwalolu hlelo. Kuvela nokuthi kwenziwa izichibiyelo ezintweni ezazifunwe ngesikhathi kukhishwa umsebenzi wokukhokha imihlomulo.”
Uveze nokuthi uNongogo, wangena wathi shi ekomitini elalihlunga abazothola umsebenzi.
“UNongogo wabamba iqhaza ngesikhathi kukhethwa izinkampani ezimbili, i-Coinvest ne-eZaga, kusolwa nokuthi wayenobudlelwano obuthile nalezi zinkampani.”
Ezinye izinkampani ezimbili ezenza lo msebenzi yiNorraco neTenet Technology.
Uthe umbiko usewunike noNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande.
UMnuz Rudie Heyneke we-Outa, uthe bajabule ngokuthi kuzolandelwa iziphakamiso zethimba labameli njengoba beyingxenye yabantu abakhala ngeqhaza likaNongogo kwiNSFAS.
Ekhuluma nesiteshi sezindaba izolo, uthe uNongogo akazange alandele imigomo ebekiwe ngokungenela ekuqokweni kwezinkampani ayefuna zihlomule ngomsebenzi.
UKhosa uveze nokuthi maduzane bazomemezela ukuthi kuqala nini ukufakwa kwezicelo zoxhaso lwangonyaka ozayo.