UYATHUTHUMELA umndeni wowesilisa oshonile, usola uthisha ngokugweva nesidumbu sakhe ngoba ebeqashe emzini wakhe okwa-D, eMlaza.
UMufi, uMnuz Philani Dube, kuvela ukuthi ukudlula kwakhe emhlabeni sekususe udweshu olukhulu phakathi kukathisha uMnuz Nathi Zulu nomndeni kamufi. Kuvela ukuthi umufi ubeqashe kwa-D, eMlaza, emzini kaZulu.
Kuthiwa umufi bese kunesikhathi afika kulo muzi njengoba afika nonina ongasekho emhlabeni. Unina uyena owayekade eqashwe nguZulu njengomsizi wasendlini. Emuva kokushona kukanina, umufi uqhubekile nokuhlala kulo muzi kodwa esekhokha irenti ngoba ubesesebenza enkampanini yokwakha izindlu.
Udadewabo kamufi, uNksz Lungi Dube, uthe bathole ngemuva kwesikhathi esingangamasonto amathathu ukuthi akasekho emhlabeni umufi.
"Siyazibuza siyaziphendula ukuthi kungani uZulu kumthathe isikhathi eside kangaka ngaphambi kokuba asazise ukuthi akasekho emhlabeni umfowethu?'' usho kanjena.
Ngaphezulu kwalokho, uthe kuthe uma bebuza uZulu ukuthi yini edala ukuthi angabazisi ngokudlula emhlabeni kukamfowabo, wamane wabaphendula ngokudelela. Uthe kube nokukhulu ukuhilizisana phakathi kwabo noZulu njengoba betholile emakhazeni ukuthi uZulu uthe uzomngcwaba ngemuva kwamasonto amathathu umufi.
"Sithole ukuthi uZulu uthe uzomngcwaba uma sekuthanda yena umufi ngoba ubeyisiqashi esihluphayo. Wake wayizwaphi nje le nto?'' usho kanjena.
Eqhuba, uthe befika emakhazeni kahulumeni asePhoenix, batholile ukuthi uZulu wazazisa njengowomndeni futhi konke okuphathekayo okufana nomazisi kukuyena.
''UZulu wale waphetha nesidumbu ethi uyena owaziyo ukuthi umufi uzongcwatshwa kanjani futhi kuphi. Siyazibuza ukuthi umuntu usithathaphi isibindi sokugweva nesidumbu sesiqashi?'' usho kanjena.
Kuvela ukuthi le mpicabadala idala usizi ezinganeni zikamufi njengoba sezidukuza ebumnyameni ngokungcwatshwa kukayise.
Isolezwe Ngempelasonto likhulume noZulu limbuza ukuthi kwenzakalani? Limbuzile ukuthi uyamazi yini umufi, wavuma kodwa wathi akathandi ukukhuluma ngalolu daba wase evala ucingo.
Emuva kwemizuzu eyishumi kuya kwengamashumi amabili, kube khona owesilisa oshayele intatheli ucingo eyitshela ukuthi ingalenzi iphutha lokubhala ngento engayazi. Wabuza ukuthi yini efuna ukuyazi ngalolu daba? Lo wesilisa uzichaze njegosondelene kakhulu noZulu.
Umufi kuvela ukuthi usacazeke phansi washona ngaso leso sikhathi ephezu kwendlu eThekwini, njengoba abekade esebenzela inkampani yezokwakha.