I-POSTBANK ithi isikubanini bayo imali yezibonelelo zikahulumeni eyayingakafinyeleli kubantu ngenxa yobuhixihixi obabukhona.
UMnuz Bongani Diako obhekelele ezokuxhumana ePostbank, uthe wonke umuntu owayengaholanga ngoSepthemba 5 nango-Septhemba 6, ngesikhathi kunenkinga useyitholile imali.
Ubuhixihixi baholela ekutheni izaguga ezibalelwa ku-600 000 zingayitholi impesheni yazo ngelanga lomholo.
UDiako uthe uhlelo lokubuyisela imali kubaniniyo luthathe isikhashana ngenxa yokuthi abasebenzi basePostbank bese kufanele bafake imininingwane yabangaholile ngesandla kumakhompyutha, kungasekhona ukuthi imininingwane yabo iyazihambela nje.
Uveze ukuthi kunabantu akade bezama ukuthatha amashansi befuna ukuholelwa impesheni kabili, nakho lokhu kubambezele izinhlelo zokubuyisela imali kubantu abafanele.
Uqinise abantu idolo ngokuthi akekho ozoholelwa kabili ngoba ubuchwepheshe basePostbank buyamveza oseholile.
Uxwayise abathatha amashansi ngokuthi bazobikwa emaphoyiseni uma bebanjwa benza lo mkhuba.
Ucele abasenemibuzo ethinta izibonelelo zabo abazihola ePosini ukuba bathinte iPostbank ngocingo ku-0800 53 54 55, uWhatsapp: 073 806 1631 noma bathumele i-email ku-PBbalancingSaswitch@Postbank.co.za
Khonamanjalo: Ilungu le-DA elibhekelele ezokuThuthukiswa koMphakathi ePhalamende, uNkk Bridget Masango, libike udaba lokungaholelwa kwezaguga impesheni yazo kwiKhomishini yamaLungelo aBantu, iSouth African Human Rights Commission (SAHRC).
UNkk Masango uthe ukungaholelwa kwezaguga impesheni ngesikhathi kuzifaka ebuphofini ngoba beseziboleka imali yokuya emahhhovisi aseSassa nasePosini, azikwazanga ukuthenga ukudla nemithi yazo ngesikhathi esifanele.
Uthe kuhlukumeza imindeni njengoba ezinye izingane zondliwa abadala.
“Sikhethe ukuyobika kwiSAHRC ngoba akusikhona okokuqala kwenzeka isimo esifana nalesi. Samcela ungqongqoshe nabaseSassa ukuthi basize kodwa akwenzekanga lutho. Sibone kungcono ukuthi sibikele ikhomishini ngoba izothatha izinyathelo ezifanele. Njengamanje izobheka ifayela lethu ibone ukuthi udaba izolusingatha kanjani. Izobuyela kuthina emuva kwezinsuku eziyisikhombisa,” kusho uNkk Masango.