ZIMISWE zaphinde zayalelwa ukuthi zingasondeli emagcekeni enyuvesi iMangosuthu University of Technology (MUT), izikhulu ezimbili kulesi sikhungo kuze kuphothulwe uphenyo.
Lokhu kumenyezelwe ngumlawuli wesikhashana walesi sikhungo uSolwazi Lourens van Staden, othumele incwadi kwizitshudeni nakubasebenzi balesi sikhungo.
Kule ncwadi ekwi-website yalesi sikhungo nasezinkundleni zokuxhumana, iveza ukuthi kumiswe ibamba lomphathi wale nyuvesi nebamba lemenenja ehhovisi lomphathi wenyuvesi.
Uthe laba bamiswe kuze kuphothulwe uphenyo.
“Isinqumo sokumisa laba silandela izinsolo ezisanda kuvela ezingalimaza isithunzi senyuvesi. Kubalulekile ukuthi lezi zinsolo ziphenywe ukuze sivikelwe isithunzi sesikhungo kuphinde kube nokuvuleleka kohlelo lokuthi abantu baziphendulele.”
Lezi zikhulu ziyalelwe ukuthi zingathinti lutho oluthinta umsebenzi wazo. Azivunyelwe ukuthi zisondele emagcekeni alesi sikhungo noma baxhumane nabasebenzi nezitshudeni.
“Abavumelekile nokuthi baxhumane nezinhlaka ezehlukene kulesi sikhungo ngezinto ezithinta inyuvesi,” kusho uVan Staden.
Uthe lesi sinqumo sithathwe ukuze kungabikhona abazokhala ngokuchema ngohlelo lokuphenya.
Udalule ukuthi bangakwazi ukuxhumana nalezi zinhlaka uma begunyazwe nguVan Staden, noma nanoma ngubani amjubile.
“Ukumiswa kwabo akusho ukuthi banecala kodwa wuhlelo lokuqinisekisa ukuthi uphenyo luqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka.
“Ngifuna ukuqinisekisa zonke izinhlaka zasenyuvesi ukuthi sizimisele ukubeka phambili isithunzi senyuvesi,” esho.
Unxuse ukuthi kubanjiswane ngalesi sikhathi kusaqhubeka uphenyo. Umemezele ukuthi uSolwazi Nokuthula Sibiya, uzoba yibamba lomphathi walesi sikhungo.
Uthe usewuqalile umsebenzi wakhe kanti uzobamba kuze kwenziwe isimemezelo.
“Unamava ezintweni ezithinta imfundo ephakeme kanjalo nezokuphatha. Ngiyamethemba ukuthi uzokwazi ukuhlinzeka ngobuholi obusezingeni ngalesi sikhathi,” kugcizelela uVan Staden.
Unxuse zonke izinhlaka ukuthi zimeseke ngalesi sikhathi ukuze kuqhubeke kube nozinzo kule nyuvesi.
Iyinsakavukela eyezinkinga kule nyuvesi njengoba uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, ehlale ekhala ngokuthi njalo kudingeka ayifake ngaphansi kwesandla somlawuli.
UNzimande wathi ukhathazekile ngokuthi sekube namahlandla amaningi le nyuvesi eyifaka ngaphansi komlawuli ukuze kulungiswe izinkinga ezisuke zibhekene nokuphathwa kwayo kanjalo nezinye.
URegistrar eMUT uDkt Phumzile Masala, uthe ngeke baphawule ngalo myalezo ngoba bekuyinto yangaphakathi ebithunyelwe izitshudeni nabasebenzi.
Uthe bazokwazisa abezindaba ngesikhathi esifanele.