NAKUBA kuphela iminyaka emibili kwakhothama iSilo uZwelithini kaBhekuzulu kodwa umlilo wombango wesihlalo awukalothi, usalokhu usha phakathi kwamadodana aso.
Ukuhamba kweSilo esidala uMdlokombane kususe umbango wesihlalo oshubile waze wafika ezinkantolo.
ISilo uZwelithini kaBhekuzulu sikhothame ngo2021 Mashi 12, sineminyaka engu-72 ubudala. Sinqotshwe wukudukuzela sisesibhedlela Inkosi Albert Luthuli, eThekwini.
Emuva kwalokho kusuke uthuli lwezichwe kuze kube namhlanje alukapheli.
Kulindeleke ukuthi udaba lombango wesihlalo lungene ngoMeyi 31 kuya kuJuni 2 nonyaka, eNkantolo eNkulu ePitoli. Nakuba lungena udaba kodwa seluke lwangena izikhawu ezinkantolo, luvune iSilo esisesihlalweni.
Izinkunzi ezithibelene yiSilo esisesihlalweni, uMisuzulu kaZwelithini noMntwana uSimakade kaZwelithini. Bobabili bazalwa wuyena uBhejane. UMntwana uSimakade mdala kubantwana abazalwa wuMdlokombana, umzala kuMaMthenjana waKwaNongoma. ISilo uMisuzulu kaZwelithini sizalwa wuNdlunkulu uMant’fombi MaDlamini Zulu osendlini yeqadi okusho ukuthi ungowesithathu ukusinela iSilo.
Ukungena kweSilo uMisuzulu esihlalweni kwesekelwa wukuthi unina uMaDlamini, uzalwa yiNgwenyama yaseSwatini engasekho uSobhuza II. Izinkomo ezalobola unina weSilo esibusayo zakhishwa yisizwe, okukholakala ukuthi kumenza abe ngofanelwe yisihlalo.
UMntwana uSimakade nahambisana nabo basakholwa wukuthi wuyena ofanelwe wukuhlala esihlalweni sikayise. Sekuhanjwe ibanga elide ngokufakwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini esihlaweni njengoba sesenzelwe usiko lokufakwa esibayeni. Wenzelwe nomcimbi wokunikwa isitifiketi ngokusemthethweni emuva kokuthi umengameli wezwe egunyaze yena ukuthi ufanelwe yisihlalo.
ISilo esibusayo uMisuzulu kaZwelithini, sihlala siluthinta udaba loqhekeko nombango wesihlalo endlunkulu, sikhala ngokuthi akukuhle kufanele kuphele.