BASINDE ngokulambisa abafundi abebehamba ngebhasi elithole ingozi ezimpambanweni zomgwaqo uDekema noBlackreef Road eWadeville, eKurhulen.
Amaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni athi umshayeli webhasi ubatshele ukuthi ubelandela iloli elivele lama ngokuphazima kweso phambi kwakhe, yadaleka kanjalo ingozi
Leli bhasi elihlala abantu abangu-65 ngelenkampani iNehemiah Bus Company lithutha abafundi abasuka endaweni yaseRamaphosa, eBoksburg, beya eSegutlong Primary School, eKatlehong.
Klimale abafundi abangu-19 abathunyelwe ezikhungweni zempilo ezahlukene ukuze baxilongwe kahle. Ayikho imibiko yabashonile.
Abe-EMPD basole ubudedengu ekushayeleni kulandela incazelo yomshayeli wetekisi.
"Kuyaziwa ukuthi kumele ushiye isikhala esanele uma ulandela imoto ephambi kwakho ukugwema noma yisiphi isimo esingenzeka phakathi kwemoto yakho nezinye oshayela nazo emgwaqweni," kusho uThabiso Makgato okhulumela abe-EMPD.