LUQALE kabi usuku kuphuma isidumbu kulimala kabi abantu abathathu ngesiteleka sabamatekisi eWestern Cape.
Inhlangano yamatekisi, iSantaco, ikhiphe isitatimende iveza ukuthi iyaqhubeka nesiteleka okwakuhlelwe ukuthi siphele ngo-Agasti 9, kulandela ukubhuntsha kwezingxoxo nohulumeni waseWestern Cape.
Lesi sitatimende sikhishwe ngeSonto ebusuku. Kuse ngoMsombuluko kwaya ngamagama enkehli.
Imibiko evela ezingxenyeni ezahlukene zalesi sifundazwe ikhomba ukuphazamiseka kwezinhlelo zokusebenza nezakhamuzi.
Kushone umuntu oyedwa ohlaselwe abantu abatelekayo ngesikhathi bevinjezelwa ekuseni ngoMsombuluko. Imoto ebinabantu ababili ihlaselwe ngamatshe yadutshulwa ngesikhathi ivinjwa emgwaqweni. Umgibeli ukwazile ukubaleka ngesikhathi behlaselwa, ngeshwa umshayeli akasindanga.
Kubuye kwashiswa amabhasi eGolden Arrows nokwenze le nkampani yaqhubeka nokumisa ukusebenza eKayelitsha, Nyanga, Langa naseMfuleni.
UBronwen Dyke-Beyer okhulumela le nkampani utshele abezindaba ukuthi isimo simanzonzo kakhulu futhi kabazi ukuthi sizophela nini isiteleka ukuze kubuyelwe emsebenzini.
Ngokusho kwakhe, ibhasi lokuqala lashiswa ngo-Agasti 3, 2023 eMfuleni. Namhlanje kushiswe amanye amabhasi amathathu.
Obhekelele ezokuphepha nokuvikeleka komphakathi kuMasipala waseKapa, uMnuz uJP Smith, uthi akukho okuhlukile okwenziwa yilo masipala kodwa uqinisekisa umthetho kahulumeni kazwelonke.
Ngokwesitatimende esikhishwe uSmith, bangu-35 abantu ababoshiwe ngodlame oluhambisana nalesi siteleka.
“Ngo-5.30 ekuseni ngoMsombuluko, kunamatekisi angu-30 abevale uN2 ngaseBorcherd’s Quarry. Kushiswe izimoto ezine, amaloli amabili edepho likamasipala, kwadunwa nemoto kamasipala ebiseSamora Machel,” kusho yena ngesitatimende.
Uthi ziningi izigameko ezenzeka ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo nezokudubula esiteshini sesitimela ePhillippi nokushaywa kwezimoto ngamatshe emigwaqweni uGovan Mbeki noDuinefontein.
USmith uthi ngeke bavuma ukugwajiswa abantu bamatekisi futhi bazoqinisa umthetho bawabophe wonke amatekisi avale imigwaqo ezindaweni ezahlukene eKapa.