UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthi uyalusukumela udaba lwezikole ezicekeleke phansi, kugasela isiphepho kulesi sifundazwe ngesonto eledlule. Isiphepho sishiye amanye amalungu omphakathi esele dengwane kuphephuka imizi nezinye izikhungo zikahulumeni.
Sishaye kwazwela kakhulu oThongathi njengoba iminingi imizi ecekeleke phansi kwakhona nabadlula emhlabeni.
Okhulumela umnyango uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bathole umbiko wezikole ezingu-20 ezicekeleke phansi ngenxa yalesi simo, kanti isikole esisoThongathi, i-Seatides Combined kuthiwa yisona esithinteke kakhulu kwezisabikwe ukuthi zicekeleke phansi ngesikhathi kwehla lo mshophi.
“Siwumnyango sinqume ukususa izingane ezifunda kusuka ku-Grade 10 kuya ku-Grade 12 kulesi sikole, siziyise esikoleni i- Anton Lembede ukuze zikwazi ukuqhubeka nokubhala izivivinyo zazo,” usho kanje.
Uthe umnyango uzodlulisela amagumbi esikhashana angomahamba nendlwana ezikoleni ezithintekile, kanti uveze ukuthi ngokwemibiko abasayitholile okwamanje, angu-56 amagumbi angomahamba nendlwana adingekayo.
UMahlambi uqinisekise ukuthi umnyango uyaqhubeka nokubheka isimo, uxhumana namahhovisi awo ezingeni lezifunda ukuqoqa ulwazi ngomonakalo odwalwe yilesi siphepho.
Bevile ku-8 000 abasale dengwane endaweni yasoThongathi, kanti kuthiwa ilinganiselwa ku-2 000 imizi ecekeleke phansi.
Ngesikhathi iMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ehlangene nalo mphakathi ngoLwesihlanu ukudlulisela ezinye izinsiza kubagilwa balesi siphepho, uqinisekise ukuthi uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uzokwenza isiqiniseko sokuthi abadlule emhlabeni ngenxa yale nhlekelele, bangcwatshwa ngesizotha.
“Emva kokubheka isimo sikwazile ukususa imindeni ekhahlamezekile sayifaka ezindaweni eziphephile ezisafihle khona amakhanda, ngakho namhlanje siqinisekisa ukuthi sibahambisela izinto eziyizidingongqangi,” usho kanje.
Uthe le nhlekelele iphazamise ugesi namanzi endaweni kodwa umasipala wenza isiqiniseko sokubuyisela isimo kwesejwayelekile.
Lo masipala ngokubambisana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni, udlulisele izingubo zokwembatha ezingu- 1 700 neziponji abangu-1 300 kubagilwa.