UMMELI ongumhlaziyi wezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala, uthi akukashintshi lutho ngesikhundla seSilo uMisuzulu kaZwelithini kuze kuphele isikhathi esibekiwe sokwedlulisa isinqumo senkantolo.
Uphinde waphawula nokuthi ukuba sesihlalweni kweSilo esikhona manje ngokwesintu akukhona obekufakelwe inselelo kulesi sinqumo esikhishiwe.
Izolo iNkantolo eNkulu, iNorth Gauteng, ichithe isinqumo sikaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokunika iSilo isitifiketi. IJaji uNorman Davis lithe isinqumo sikamengameli sasingekho emthethweni. Ijaji likubeke kwacaca ukuthi isicelo ebesilethiwe kulona esokuthi libheke ukuthi kwakusemthethweni yini ukuthi uRamaphosa akhiphele isitifiketi iSilo uMisuzulu.
UZikalala uthe nakuba siphumile isinqumo kodwa asishongo ukuthi iSilo asisuswe esihlalweni.
“ISilo sisekhona futhi kunesikhathi esiba yizinsuku eziyishumi kuya kwezingu-14 sokwedlulisa isinqumo. (Futhi) Nangokwesintu iSilo sisekhona esihlalweni ngoba inkantolo ibibheka ngokomthetho nangokwesilungu,’’ kusho uZikalala.
Isicelo ebesifakwe enkantolo, esiphonsela inselelo isinqumo sikaRamaphosa, safakwa nguMntwana uMbonisi kaBhekuzulu kanti sibe sesilalelwa ngokuhlanganyela nesikaMntwana uSimakade kaZwelithini. Ijaji lithe bekungekhona okwalo ukusho ukuthi ubani ofanelwe wukuba yisilo ngoba lolo daba lwaqedwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lwaluhlalelwe yiJaji Mjabuliseni Madondo. Lithe alinamandla okuthi kudluliswe kulo lolu daba lokuthi ngubani ofanelwe wukuba yisilo ngakho isinqumo sikaMadondo sisamile. Lona belibhekene nesicelo nendlela eyalandelwa ukuze uRamaphosa afinyelele esinqumeni sokunika iSilo uMisuzulu isitifiketi.
Umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu uqubuke emuva kokwebuza kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu ngoMashi 2021. ISilo salandelwa wuNdlunkulu uMantfombi (uMaDlamini) Zulu, ozala iSilo esibusayo.
URamaphosa wedlulisela isitifiketi sobukhosi eSilweni ngo-Okthoba 2022 phambi kwezinkumbi zabantu enkundleni iMoses Mabhida, eThekwini. Kwakuchwaza inkundla kwaze kwafika inkosi yaMaSwati, uMakhosetive Dlamini (uMswati III), enguninalume weSilo esibusayo.
UMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, ongumfowabo weSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu, wafaka isicelo sokuthi inkantolo ichithe isicelo sikaRamaphosa. Udaba lwalalelwa ngo-Okthoba 19 nonyaka njengoba isinqumo siphuma manje sivuna abafake isicelo.
Ngokwamaphepha esinqumo, Isolezwe elinawo, iJaji Davis ebinzeni 62, likubeka kucace ukuthi isinqumo sikaRamaphosa siyachithwa.
“Ngithole ukuthi isinqumo sikamengameli sokwemukela iSilo uMisuzulu kufanele siqalwe phansi sibukwe kabanzi ngokukaSection (6)(2)(d) we-Promotion of Administrative Justice Act of 2000 (PAJA). Umengameli wehlulekile ukulandela iLeadership Act kuSection 8(4) no8(5),’’ kusho iJaji uDavis.
IJaji uDavis liyalele nokuthi kuqokwe ikomiti elizophenya kabanzi udaba lombango wesihlalo bese liphakamisa okufanele kwenzeke. Ijaji liyalele uRamaphosa ukuthi kube nguyena yedwa okhokhela izindleko zecala ngoba nguye owathatha isinqumo.
UMntwana u-Afrika Zulu, okhulumela iSilo, uzanywe kaningi engatholakali wathunyelelwa nemiyalezo.
UMntwana uMbonisi kaBhekuzulu uthe yena nendlunkulu babengafisi ukuthi lolu daba luze lufike ezinkantolo kodwa kwaphoqa isimo.
“Noma ngabe ngiyathanda ukuphawula kodwa kunzima ngoba ithimba labameli bethu alikabuyi nombiko ophelele kithina. Sizwa sekwenekwe kwabezindaba nje kodwa sisazothola kahle umbiko ophelele. Thina sizama ukwakha isizwe, sizama ukwakha ubukhosi bethu, asifuni ukuklolodelana namuntu,’’ kusho uMntwana uMbonisi.