UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, useveze ukuthi wayengaziphuphi esesikhundleni esifuze lesi empilweni yakhe.
UNksz Gwarube uthe wasizwa wuhlelo lwe-DA lokucija abaholi bangomuso alujoyina esafunda enyuvesi, olwamenza wazithemba.
“Ngo-2009 ngalahla ivoti lami ngavotela iqembu engingeke ngilidalule. Ngangingeyena umuntu ogxile kwipolitiki ngesikhathi ngisafunda eRhodes, ngaze ngajoyina lolu hlelo lwe-DA.”
Usho kanje ekhuluma ngohlelo lwe-DA lokucija intsha ezoba abaholi bangomuso.
“Ngesikhathi ngijoyina lolu hlelo ngafunda lukhulu nabaholi abahlukene okumanje basezinhlakeni zokuhola iqembu, abanye basePhalamende. Ngibe sengigxila kwipolitiki ngagcina sengiyoba uSotswebhu waleli qembu ePhalamende.”
Uthe manje unguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo ngaphansi kukahulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene.
“Ngangingaphuphi nje empilweni yami ngiwungqongqoshe. Lolu hlelo lungisize kakhulu ngoba akukho lapho ngingeke ngijutshwe khona ngifike ngihluleke ukuzibamba ziqine,” kusho uNksz Gwarube.
Unxuse intsha ukuthi ilujoyine lolu hlelo ngoba kumele kubunjwe isizwe esizovikela izwe laso.
Leli qembu linxuse abafuna ukufaka izicelo zokuba yingxenye yalolu hlelo ukuthi bavakashele izinkundla zalo ukuze bazifake.
Kudingeka intsha eneminyaka engu-18 kuya ku-35.
Bacijwa ngamakhono okuba abaholi abaqotho kanti ukuqeqesha kwenziwa ongoti abasemikhakheni ehlukene.
Ukufakwa kwezicelo zokuba yingxenye yohlelo kuvalwa ngo-Agasti 26, 2024.
UNksz Gwarube ungomunye wongqongqoshe abasebancane kwiKhabhinethi kaCyril Ramaphosa lapho ephethe khona umnyango obalulekile.
Umsebenzi awengamele uthe uza nezinselelo eziningi njengoba ebhekele izinkumbi zabafundi.