KULETHUSILE isasasa okwamukelwe ngalo umkhankaso walo ibhungu elinxusa izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zeseke umengameli wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa njengoba izwe libhekene neCovid-19.
UThanduxolo Jindela weKwathole Conexion okuyinkampani ebhekelele imisebenzi yosaziwayo, uqale umkhankaso kuTwitter obizwa ngokuthi #CyrilFridays lapho izakhamizi zizoqinisa khona uRamaphosa idolo ziphinde zithumele nemiyalezo eyakhayo kanjalo nezincomo.
UThanduxolo uqale lo mkhankaso ngoLwesihlanu olwedlule kodwa ngalo lolu suku ubusungezinye zezinto eziphezulu kokukhulunywa ngakho kule nkundla, njengoba lashona sekunamatweet angaphezulu kuka-17 000. UThanduxolo uthe ubone ingcindezi abhekene nayo umengameli ngalesi sikhathi kodwa kungekho izakhamizi lapho zikwazi ukuxhumana naye ukukhombisa ukuthi ziyamthanda.
"Into engiyibone ibalulekile ukuthi naye athole ukwesekwa ngoba njalo uhlala ebhekiwe enomthwalo wokududuza izakhamizi kodwa yena engatholi lutho. Abantu indlela abasukumele phezulu ngayo kuyakhombisa ukuthi bayayibona imizamo kamengameli. Abazali sebethumele imiyazelo eminingi nezingane zabo, kuyakhombisa ukuthi banothando kangakanani abantu bakuleli," kusho UThanduxolo.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/CyrilFridays?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#CyrilFridays pic.twitter.com/uwx6NtJEf2
— S Y D W E L L 🇿🇦 (@Sydwell_RSA)
%%%twitter https://twitter.com/CyrilRamaphosa?ref_src=twsrc%5Etfw">@CyrilRamaphosa. Thank you. 🥺🇿🇦 #CyrilFridays pic.twitter.com/T74q48t40b
— Hulisani Ravele (@HulisaniRavele)
Eqhuba uthe akuzoba imiyalezo kuphela kodwa ziningi izindlela zokukhombisa uthando kumengameli ezizosetshenziswa ngoLwesihlanu abahlukene. Izinkondlo, umculo nemidwebo.Osaziwayo nabo uthe ngeke abashiye ngaphandle kulo mkhankaso. Kuzokhumbuleka ukuthi UThanduxolo unanomunye umkhankaso #InMyOwnSkin, wokukhuthaza abesifazane abanebala elinsundu ukuthi bangazishintshi kodwa bagcine ibala labo.