UZAKES Bantwini uthi uzokwenza umcimbi omkhulu eMoses Mabhida ukubonga indondo yamaGrammya bayithole eLos Angeles, e-USA ngeledlule.
UZakes ukusho lokhu amukelwa abalandeli bakhe esikhumulweni sezindiza iKing Shaka, eThekwini izolo.
UZakes uthe indlela amukeleke ngayo eThekwini imenze waziqhenya ngedolobha asuka kulona njengoba ehloseukuthi libuyele esimeni esifana nesakuqala lapho lalihanjelwa khona abantu abaningi ngoDisemba nobekwenza bona njengamaciko bagcwalise izinkundla uma kunemicimbi.
"Ngiyabonga kakhulu kumuntuohlele lo mcimbi, naze nangamukelakahle.
“Ngiyathemba wonke umuntu owenze into enhle emazweni angaphandle uma esebuyela ekhaya niyomamukela ngalolu hlobo, uNomcebo naye uyabuya kulamasonto azayo ngiyacela baba uKaunda nimenzele naye njengoba manje ngiyomthumelela izithombe ngimqhoshela ngeningenzele kona," kusho uZakes.
Uthe umcimbi uzowenza nethimba lakhe bethembe noxhaso lukahulumeni futhi uma bengasifaki isandla ngekebaze babe nenkinga.
"Umcimbi siyowenza uhulumeni ekhona noma engekho. Siyadinga kodwa uhulumeni ake asisize ngokufaka imali ngapha emacikweni ngoba lapho sihamba khona sihlala siqhakambisaizwe lethu.
“Uhulumeni noMasipalaabayixhase imicimbi esiyenzayo hhayi le nto yokungasifaki isandlangapha kithi. Umcimbi esizowenza sizomema abaculi abahlukene kodwa kakhulu nalaba asebeke bayitholale ndodo ngeke basale ngaphandle," kuchaza yena.
Uveze ukuthi osekusele manje njengoba eseyitholile le ndondo ukukhipha i-albhamu yokugcina bese ethi khumu emculweni. Uveze ukuthi uzogxila kakhulu kwezamabhizinisi.