UKELLY Khumalo wakhokha isamba sikaR45 000 ukuthi kubulawe owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvezwe umphenyi omkhulu kuleli cala uBrigadier Bongani Gininda izolo ngesikhathi eqhubeka nokuphekwa ngemibuzo ummeli, u-Advocate Sipho Ramosepele.
UGininda uthe lolu lwazi ummangalelwa wesibili uMnuz Bongani Ntanzi waluveza ngesikhathi egonyuluka ezitatimendeni ezimbili azenza emva kokuboshwa kwakhe.
Phakathi kwazo kukhona asenza esiteshini samaphoyisa, kanti esinye wasenza eNkantolo yeMantshi yaseBoksburg.
“Kuzo zombili izitatimende azenza, kubalulwa ngisho imali eyakhokhwa emva kokudutshulwa kukamufi. Isiphelele yaba uR45 000 owafakwa izigaba ezimbili,” kusho uGininda.
Ubephikisa amaphuzu kaRamosepele, obemtshela ukuthi uNtanzi uzokuphika ukuthi uyazana noKelly kanjalo netulo elahlanganiswa ukuze kubulawe uMeyiwa.
“Kulezi zitatimende, uzivumela yena ukuthi wuye umsolwa wesibili, owayemude, egqoke ijakhethi enesigqoko,” kusho uGininda.
URamosepele uqhubekile nokuhlohla amaphuzu akhe kuGininda ethi: “Ummangalelwa wesibili uzokuphika ukuthi wayenolwazi ngetulo lokubulala.”
“Kodwa izitatimende zisho okuphambene nalokhu okushoyo,” kuphendula uGininda.
Ubebuye eseke ubufakazi bakhe ngezitatimende zabanye ofakazi ezininda abasolwa. Kuzona kukhona esikaCol Lambertus Steyn, Mnuz Makhosonke Buthelezi, Constable Sizwe Zungu nabanye.
Sekufike emaphethelweni ukuphekwa ngemibuzo kukaGininda wuRamosepele, ubeke inkulumo eshubile, eyibhekise ku-Adv Charles Mnisi, ongummeli kammangalelwa wesithathu, uMthobisi Mncube, okunguye osezomhloma imibuzo.
“Njengoba sengizohlonywa imibuzo u-Adv Mnisi, ngizocela ukuthi sihloniphane. Ngesikhathi ngethula ubufakazi ngiholwa umbuso, ubelokhu engenela athi ‘phendula inkantolo’. Lokho ngikubona njengophawu lokudelela,” kusho uGininda.
Uqhube wathi yena akakaze akukhombise ukudelela ku-Adv Mnisi.
“Ngizocela ke ukuthi sikubeke ezingeni elifanele ukuhloniphana kule nkantolo ngoba uma ngingahlonishwa, nami ngizokwehla ngiye kulelo zinga lokungahloniphi,” kusho uGininda.
Icala lizoqhubeka ngoLwesine.