UKUNGAVELI kwegama laloyo owayengumengameli, uJacob Zuma, emagameni asekwa yi-ANC KwaZulu-Natal ukuba angenele umbango wezikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi benhlangano, kukhombisa ukuthi uZuma akasathandwa ngendlela abethandwa ngayo.
Lona wumbono wabahlaziyi bezepolitiki abakhulume neSolezwe emva kokuthi i-ANC KwaZulu-Natal imemezele ukuthi yeseka uDkt Zweli Mkhize embangweni wokuhola i-ANC.
Izolo uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthe iningi lamagatsha e-ANC esifundazweni liphakamise igama likaMkhize, aphinde aphakamisa elikaMnuz Paul Mashatile esikhundleni sephini likamengameli.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kulandela umhlangano wesigungu esiphezulu esifundazweni.
Ngaphambi kwesithangami sabezindaba uZuma ukhiphe isitatimende sabezindaba lapho eveze ukuthi uzowungenela umbango wezikhundla engqungqutheleni uma igama lakhe liphakamiswa, waphinde waveza ukuthi weseka bani embangweni wokuhola inhlangano.
Ngokwesitatimende sakhe, uZuma uthe kunamalungu e-ANC asemcele ukuthi angenele umbango wokuba wusihlalo kazwelonke.
“Ngikubeke kwacaca ukuthi ngizolawulwa ngokushiwo ngamagatsha ngalesi sicelo sabo. Angeke nginqabe uma amagatsha ebona kungifanele ukuthi ngiphinde ngiphathe isikhundla esibalulekile kwi-ANC.”
Embangweni wokuhola i-ANC, uZuma uthe akakaguquki ekwesekeni loyo ayemeseka engqungqutheleni yango-2017.
Lokhu kuhunyushwe njengokuthi weseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, owehlulwa kulo mjaho.
“Lona esasimeseka ngo-2017 wuyena muntu ofanele ukuhola i-ANC. Imisebenzi yakhe kuhulumeni nakwi-ANC iyazikhulumela. Ungumholi oqotho futhi uyayiqonda imigomo ye-ANC.
“Yebo bakhona abake bazwakalisa ukukhathazeka ngaye. Ngeshwa bahlulekile ukuqhamuka negama lomuntu ongcono kunaye.”
Igama likaZuma nelikaDkt Dlamini Zuma awazange avele kwaphakanyiswe ngamagatsha e-ANC KwaZulu-Natal.
Esikhundleni sikasihlalo kazwelonke amagatsha e-ANC KwaZulu-Natal aphakamise igama likaMnuz Stanley Mathabatha, ongusihlalo wenhlangano eLimpopo.
Abahlaziyi bezepolitiki bathe ukungaveli kwegama likaZuma ohlwini kukhombisa ukuthi akasathandwa ngendlela abethandwa ngayo.
Umhlaziyi wezepolitiki ozinze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe uZuma wehlulekile ngukucupha izikhala.
“Kusobala ukuthi akasathandwa ngendlela acabanga ukuthi uthandwa ngayo. Le nto ayenzayo iwukuzehlisa isithunzi. Awukwazi ukuthi ukade ungumengameli wenhlangano bese ufuna isikhundla esingaphansi kwaleso. Le nto imveza njengomuntu othanda izikhundla.
“Uneminyaka elapha ko-80. Usebe wumengameli amahlandla amabili. Yini asayifuna? Ngicabanga ukuthi abantu abamlulekayo kabamnikezanga izeluleko ezilungile noma yena akazange afune ukulalela izeluleko.”
UNdlovu uthe akumangazi ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal yeseka uMkhize.
“Igama lakhe lisheshe lavela embangweni wezikhundla, elikaDkt Dlamini Zuma liqhamuka manje, sekudlule isikhathi. Angimboni uMkhize ephumelela. I-ANC KwaZulu-Natal kufanele engabe ilwela ukuthola isikhundla sikanobhala jikelele noma esikasihlalo kazwelonke ngoba lesi sikamengameli angeke isithole.”
Omunye umhlaziyi wezepolitiki naye ozinze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uDkt Fikile Vilakazi, uthe ukungaveli kwegama likaZuma kukhombisa ukuthi izinto sezishintshile esifundazweni.
“Lokhu kungasho ukuthi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal abusabuthembi ubuholi bukaZuma.”
UDkt Vilakazi uthe ubona kunzima ukuthi kube khona ozophumelela kulabo baKwaZuluNatal abangenele umbango wezikhundla.
“Ukuqhamuka kwamagama amaningi esifundazweni esisodwa kukhombisa ukuthi kunoqhekeko. Lokhu kubeka engcupheni amathuba okuthi kube khona owaKwaZulu-Natal ozophumelela. Le nto izohlukanisa phakathi amavoti.”