UPHINDE wakhala ngaphansi owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, emzamweni wakhe wokuzishushisela uMengameli Cyril Ramaphosa.
INkantolo yoMthethosisekelo ichithe isicelo sikaZuma sokuphonsela inselelo isinqumo seNkantolo eNkulu eGoli, eyachitha icala lapho ezishushisela khona uRamaphosa.
INkantolo yoMthethosisekelo ithole ukuthi uZuma akazange achaze ukuthi kungani esifake sekudlule isikhathi isicelo sakhe.
“INkantolo yoMthethosisekelo isibhekile isicelo sokuba imzwele uZuma ngokufaka isicelo sakhe sekudlule isikhathi, yaphinde yabheka nesicelo sakhe. Inkantolo ibe isinquma ukuthi ofake isicelo akazange alethe incazelo egculisayo eshoyo ukuthi kungani efake isicelo sakhe sekudlule isikhathi,” kusho isinqumo senkantolo esibonwe yiSolezwe.
Inkantolo iphinde yathola ukuthi mancane amathuba okuthi isicelo sikaZuma siphumelele.
“Ngakho ke sinquma ukuba isicelo sichithwe.”
NeNkantolo yamaCala aDlulisiwe yamchitha uZuma.
Akucaci ukuthi uZuma uzothatha siphi isinyathelo njengoba esechithwe inkantolo yokugcina.
UZuma ushushisa uRamaphosa njengengxenye yecala lapho ayezishushisela khona umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer nentatheli yeziko lezindaba elibika ngesiNgisi.
UZuma usola uRamaphosa ngokungathathi zinyathelo ngesikhathi embikela ngokwephula umthetho kukaDowner ayemshushisela izinsolo zokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo ngempilo yakhe.
Nalo icala lapho uZuma eshushisa uDowner nentatheli lachithwa yiNkantolo eNkulu eMgungundlovu kodwa uZuma usaphikelele njengoba ekuphonsela inselelo ukuchithwa kwecala.
URamaphosa wafaka isicelo sokuba lichithwe icala alivulelwe uZuma, ekhala ngokuthi uZuma ulwa impi yezepolitiki.
Leli cala uZuma walifaka kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC eyayingo-2022.
Kwake kwaba nemizamo yokuvimba uRamaphosa ukuba angawungeneli umbango wesikhundla kule ngqungquthela ngenxa yokuthi i-ANC inomthetho othi abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni.
Nokho uRamaphosa wagcina evunyeliwe ukuba angenele umbango wesikhundla.