ZIMKHALELE usomahlaya waseLimpopo olahlwe amacala abandakanya nelokuzama ukubulala.
UNtambudzeni Rasendedza (40), waseLwamomondo, eLimpopo ugwetshwe iminyaka engu-10 yinkantolo yesiFunda eSibasa.
Lo somahlaya odume ngelikaBundu, ulahlwe ngamacala okuzama ukubulala, ukuthumba nokushaya ngenhloso yokulimaza.
Kuthiwa isigameko sokuqala senzeka ngo-Agasti 2019 eshaya intombi yakhe ngokhezo kanye nentambo kagesi futhi wayishisa ngopulasitiki, wayikhiyela endlini yakhe amasonto amabili, eyishiye nebhakede lokuzikhulula.
“Isigameko sesibili senzeka bebuya ephathini lapho ashaya khona intombi yakhe ngetshe elikhulu yaphuka umlenze. Kulokhu wabuye waklebhula nezimpahla zayo zokugqoka wayishiya inqunu,” kusho uMashudu Malabi-Dzhangi okhulumela iNPA eLimpopo.
Lo somahlaya wawaphika amacala, wathi umgilwa wazishisa yena futhi wawa waphuka umlenze.
Ngesikhathi kuqulwa icala, umshushisi unxuse inkantolo ukuba umsolwa imthumele ngqo ejele ukuze kwenziwe isifundo nakwabanye abacabanga ukwenza okufanayo.