OWAYEYIMEYA kaMasipala waseThekwini, uNkk Zandile Gumede, uphika imibiko yokuthi udlelwe impahla ebiza izigidi zamaRandi.
UNkk Gumede uthe ungamanga aluhlaza umbiko oshicilelwe ezikweni lezindaba elibika ngesingisi othi uphiko oludla impahla, i-Assets Forfeiture Unit, lushaqe izimoto nomuzi wakhe kanokusho.
Ukusho lokhu esitatimendeni esikhishwe yinhlangano yakhe engenzi nzuzo, iMama Zandile Gumede Foundation.
Umbiko uthe i-Assets Forfeiture Unit ishaqe impahla kaNkk Gumede yesamba sikaR25 million.
Lo mbiko uthe ukushaqwa kwale mpahla kumayelana necala lenkohlakalo yezigidi zamaRandi yethenda yokuqoqa udoti eThekwini.
UNkk Gumede, owusihlalo we-ANC kwisifunda iTheku, ungomunye wabantu ababhekene naleli cala.
Okhulumela uNkk Gumede, uMnuz Siphelele Jiyana, uthe i-Assets Forfeiture Unit yagasela kanye emzini wakhe, yaphuma ilambatha.
“Wonke umuntu uyazi ukuthi bagasela ngo-2019, ngo-Okthoba 10. Abazange bathole lutho futhi abaphindanga bagasela.”
UNkk Gumede usale ngaphandle ngesikhathi kukhethwa abaya esiShayamthetho saKwaZulu-Natal njengoba esabhekene namacala.
Uthe la mampunge okuthi udlelwe impahla asabalaliswa ngabantu abafuna ukungcolisa igama lakhe.
“Sinxusa abezindaba ukuba bayeke ukudukisa izwe ngokubika izinto abazi kahle kamhlophe ukuthi azisilona iqiniso. UNkk Gumede uyisakhamuzi sakuleli okufanele sihlonishwe njengoba kuhlonishwa bonke abantu bakuleli.”
UNkk Gumede nabangu-21 aboshwe nabo bagqigqa enkantolo ngamacala okubalwa kuwo elokwakha itulo lokwenza inkohlakalo, elenkohlakalo, elokukhwabanisa, elokuphulwa komthetho olawula ukusebenza kwemali kamasipala nelokukhishwa ngendlela engekho emthethweni kwethenda yophiko olubhekele ukuqoqwa kukadoti eThekwini, i-Durban Solid Waste, ka-R300 million.
Le thenda yakhishwa ngesikhathi uNkk Gumede eseyimeya yalo mkhandlu oyisizinda somnotho waKwaZulu-Natal.
Icala lizobuyela enkantolo ngoJulayi 22.
UJiyana uthe abukho ubufakazi obuyamanisa uNkk Gumede naleli cala.
“Abezindaba abakaze beze enkantolo ukuzobika ngokwenzekayo ngoba nabo bayazi ukuthi akukho okuhlanganisa uNkk Gumede naleli cala.”