UMNUZ Tony Forbes, onguyise womrepha ongasekho u-AKA, uthi akakagezeki igilo engakamboni ubhongoza okhipha imali eyiziduli zabasali ekhokhela abamangalelwa nabameli babo.
U-AKA igama lakhe langempela okunguKiernan Forbes, wadutshulwa wabulawa ngoFebhruwari 10 nyakenye, endaweni yokudla iWish kuFlorida, eThekwini. Isilomo esingu-AKA sabulawa nomngani waso uTebello “ Tibz” Motsoane.
Isigameko sokudutshulwa kwabo esashiya abaningi bekhexile, saqoshwa yikhamera sasabalala yonke indawo. Bekulokhu kuvela imibiko yokuthi amaphoyisa ayababopha abantu kodwa wona akuphike lokho.
UForbes uxoxe nabezindaba eNkantolo yeMantshi eThekwini, lapho obekuvele khona abamangalelwa ababoshelwe izinsolo zokuqeda ngendodana yakhe. Utheleke enkantolo ehamba namadoda afake amasudi nezibuko zelanga ezimnyama ebukeka njengabaqaphi.
Uthe okokuqala nje, kuyamcika ukuthi abamangalelwa bazifihle ubuso ngoba kufanele babonwe yizwe lonke.
“Kufanele kube khona into eyenziwayo ngendaba yokuthi uma umuntu evele enkantolo phambi kwabantu azifihle ubuso. Nginethemba khona ngokuthi siyasondela eqinisweni kodwa angikholwa wukuthi ubhongoza oqale yonke le nto useboshiwe,’’ kusho uForbes.
UForbes ukhulume kanje nje, abasolwa baqale bangena bezimbozile kodwa inkantolo yabuye yabayalela ukuthi baziveze.
Uthe kusafanele kuvele ukuthi imali yayisukaphi ngoba yanikwa ummangalelwa okunguyena owakhokhela abanye.
“Kunemali eyanikwa umdidiyeli wabo, yayisuka kuphi yona? Uma yangena ebhange kufanele amaphoyisa alandele lapho ukuthi yayisukaphi,’’ kusho uForbes.
Abamangalelwa oMnuz Lindokuhle Thabani Mkhwanazi (30), Lindani Zenzele Ndimande (35), Siyanda Eddie Myeza (21), Mziwethemba Harvey Gwabini (36) noLindokuhle Ndimande (29). Bonke bavele enkantolo bathweswa amacala ayishumi esewonke.
UNdimande (Lindani) noGwabini bamelwe u-Advocate Paul Jorgensen ojwayele ukubonakala emele osomatekisi kanti wake waqokwa nangumholi we-ANC, uMnuz Mike Mabuyakhulu, amacaleni ayebhekene nawo kodwa achithwa yinkantolo. UMkhwanazi umelwe uMnuz Dlamini kanti uMyeza noNdimande Lindokuhle) bamelwe uNksz Gielink.
Ngokuthola kweSolezwe, abanye o-advocate babiza uR50 000 kuya phezulu ngosuku ukumela amakhasimende abo.
Abanye abamangalelwa ababili kusafanele babuyiswe kuleli emuva kokuthi beboshwe eSwatini, lapho okuthiwa bebecashe khona. Ngaphandle kwecala lokufa kuka-AKA laba balisa babuye bayamaniswe namanye.
UForbes uthe indaba yokufa kwendodana yakhe iyisilonda esingapholi ngoba namanje umndeni usakhala. Uthe kunzima nokuyixoxa nendokazi yakhe umufi ngoba ayazi okwamanje ukuthi kwenzekani.
Umkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe kuyakhathaza ukuthi abamangalelwa baqhamuka nabameli bezinga eliphezulu. UMkhawanazi uthe yinto abahlala beyixoxa nezikhulu zakhe ukuthi iyakhathaza.
“Iyinkinga le nto ngoba kwesinye isikhathi, kuboshwa umuntu ongasebenzi ongenamali kodwa aqashe ummeli ophezulu. Kufanele sizibuze ukuthi laba bameli basuke beze ngokuzobamela ngesihle noma ngemali,’’ kusho uMkhwanazi.