UNOBHALA wophiko lwentsha ye-ANC KwaZulu-Natal uthi uyadumala uma ecabanga ngokuqanjelwa amanga ngetulo lokuketula uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa.
UMnuz Thanduxolo Sabelo uthi ebengangena ejele abhekane necala lokuvukela umbuso ngokuqanjelwa amanga.
Ubekhuluma okokuqala ngendlela aphatheka ngayo kuthiwa yena nabanye be-ANC bahlela ukuketula uRamaphosa.
Uthi ngale kokuthi ubethola izingcingo zimqinisa idolo kodwa abazali bakhe bahlukemezeka.
Uthi kuzo zonke izinkinga ake abhekana nazo kayikho efana nalena kodwa akakhali ngoba imqinisile futhi yamxhumanisa namagatsha nezifunda ebezimbiza zifuna ukuzizwela ngale ndaba.
“Ngigcine ngingasenaso isikhathi sokubhekana nezaseKZN ngoba bengibizwa ngapha nangapha,” kusho uSabelo.
Uthi le nto yaphekwa enhlanganweni ye-ANCYL ngoba befuna ukumgqiba kwezombusazwe.
Uthi abenza lokhu basezikhundleni eziphezulu kwi-ANCYL.
“Lokho akusho ukuthi ngibambe amagqubu, futhi njengoba ngizokhethwa njengoMengameli we-ANCYL kuleli sonto, ngeke ngibazonde.”
Uthe unoxolo kangangoba ufisa ukukusebenzisa nakuKhongolose ukuze amalungu abuyisane kubhekwe phambili okhethweni.
USabelo ubangisana nomgcini-mafa wophiko lwentsha uMnuz Reggie Nkabinde ongathandanga ukuphumela obala ukuthi useyilungele kangakanani ingqungquthela.
USabelo ukubeke kwacaca ukuthi usizwe umthandazo njengoba akhuliswa ngawo kubo eMbumbulu.
Akananazi ukuthi liyothi liphela leli sonto abe esenguMengameli we-ANCYL ngenxa yokwesekwa okukhule ngesivinini kwizifunda ezingu-44 kwezingu-53 azihambele kuleli.
Ugcine ngokugcizelela ukuthi ubufakazi bokuthi waboshelwa amanqina enyathi ngezinsolo zetulo lokuketula uRamaphosa, buzovela emiphumeleni yophenyo esimangalweni asifaka emangalela iphephandaba elaveza lolu daba.