KUNGAKAPHOLI maseko umengameli waseMelika uDonald Trump ehoxise uxhaso lwezempilo kuleli, usephinde wagqema elakuleli udume lwengozi ngokuhoxisa olunye uxhaso.
Izolo kuvele ukuthi uTrump uhoxise uxhaso olusiza amazwe ngokuguquguquka kwesimo sezulu ngenxa yokungcola komoya i-Climate Agreement.
Ngaphansi kwalesi sivumelwano amazwe amakhulu asiza amazwe asathuthuka enze izinhlelo zokushintshela ekusebenziseni amalahle kodwa asebenzise izinto ezingawungcolisi umoya uma kuphehlwa ugesi kulawo mazwe.
Imibiko iveze ukuthi iMelika ihoxile ohlwini lwamazwe acebile asiza amazwe asathuthuka njengoba ebefaka imali kuleli, eVietnam, Indonesia naseSenegal. Amazwe acebile ayingxenye yalolu hlelo kubalwa i-European Union, i-UK, Germany, France, Italy, Canada, Japan, Norway neDenmark.
Elakuleli yilona elasayina lesi sivumelwano engqungqutheleni yango-2021, ye-COP 17 njengoba ligxile ekusebenziseni amalahle.
Imibiko iveze ukuthi elakuleli laziswe yinxusa laseMelika elizinze kuleli ngenyanga edlule ukuthi kuzoqedwa ngalolu xhaso lwezigidi zamarandi aseMelika.
Lokhu kuthiwa kwenziwa uTrump ngesikhathi ethatha izintambo esayina izinqumo eziphuthumayo uhulumeni wakhe ayezozenza okubalwa nokunqanyulwa koxhaso losizo lwezempilo lokulwa nesandulela ngculazi kuleli.
UTrump walibeka ngembaba elokuthi ufuna imali yabantu baseMelika, iyeke ukuxhasa amanye amazwe kodwa isetshenziselwe bona.
Kuleli wathi uxhaso lwezempilo uluhoxise ngoba elakuleli lasayina imithetho ehlalise lubhojozi amaBhunu.
Wabala umthetho wokuthathwa komhlaba wathi uhlukumeza amaBhunu, waze wawavulela izandla wathi labo abazizwa bengaphephile bavumelekile ukuthi bafudukele eMelika, bezogoba amadlangala.
Wathi bamukelwe ngezandla ezimhlophe kuleliya lizwe wathi yingakho ezohoxisa uxhaso.
Selokhu ehoxise uxhaso lwezempilo kunetwetwe kwabanye abadla imishanguzo yokuthithibalisa iHIV, ukuthi bangase bangayitholi.
Kodwa uhulumeni wakuleli uthe phansi amaphaphu, abadla le mishanguzo bazoqhubeka nokuyithola ngoba ithengwa nguhulumeni.
Ukuhoxiswa koxhaso lwakamuva nakanjani kuzolishaya elakuleli njengoba kunezinhlelo zokulwa nenkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu emhlabeni jikelele.