OWESIFAZANE waseMthwalume, ePort Shepstone uzijube wavula indawo yokudlela ngoba egqugquzelwa omakhelwane bakhe ukuthi abe nekhishi lokupheka.
UNksz Amanda Eve Mseleku ( 34) we- Eve's Eatery Cuisine obese kuphele iminyaka enebhizinisi lokuphekela abantu emicimbini, uthe ugqugquzelwe indlela abantu abangakubo abebemkhuthaza ngayo befuna ukudla kwesandla sakhe.
Ngokusho kwakhe, ubengenaso nhlobo isibindi sokuzivulela indawo yakhe kodwa kwaba abantu abamnika ugqozi.
"Mina bengijabulela ukupheka emicimbini engiqashwa kuyo bese kuphela lapho. Kodwa kuthe uma abantu bebona ngilokhu nginameka izithombe zokudla engisuke ngikuphelile ezinkundleni zokuxhumana, baqala bangikhuthaza ngokuthii ngivule ikhishi," kusho le ntokazi.
Uthe indawo yakhe isesikhungweni samaciko aseMthwalume, iBhoshongweni Art Centre.
Amakhasimende akhe uthe othisha bezikole eziseduzane nekhishi, abasebenzi basemarenki nabasebenzi besikhungo esebenzela kuso.
Echaza uNksz Mseleku ngokudla okutholakala ekhishini lakhe, ubale ukudla kwesipunu okuhambisana namasaladi ehlukene, hot- dogs, amasemishi namagwinya.
"Ukudla kwethu kuthengwa yiwo wonke umuntu. Akukhethekile ukuthi ungumuntu onemali noma ongasebenzi. Amanani ethu awaphathisani nhlobo ngekhanda," kubeka yena.
UNksz Mseleku uphinde abe nezinhlelo zamakilasi okufundisa abantu abathanda ukupheka.
Uthe ngamakilasi akhe, uhlose ukuthi abantu bangagcini nje kuphela ngokuthuthukisa amakhono abo ekhishini kodwa baphinde bakwazi ukuvula izindawo zokudlela.
“Isimo somnotho siyabhimba kulezi zinsuku esiphila kuzo. Yingakho kumqoka ukuthi kube nezinye izindlela zokungenisa imali ephaketheni,” kuqhuba le ntokazi.
Lo somabhizinisi ozothweswa iziqu zobuthishela ngonyaka ozayo abezenza e-Unisa, uphinde abe nenhlangano, i-EYODO.
Inhlangano yakhe isebenzisana kakhulu nentsha yaseMthwalume ebhekana nezingqinamba ezahlukene.
“Phakathi kwezinto eziseqhulwini kukho konke engikwenzayo ukuthuthukisa abantu ngezindlela ezehlukene, ukulekelela abantu ekutheni babazi ubumqoka bokuzisebenza nokubacija ngolwazi abaludingayo,” kuphetha le ntokazi.