KUSALOKHU kuqhubeke njalo ukukhathazeka nokungahlaliseki konogada abasebenza emahhovisi oMnyango wokuThuthukisa uMphakathi, ophikweni olusedolobheni KwaDukuza, KwaZulu-Natal. Isizathu wukuthi sekuphele izinyanga ezintathu bengaholile, bathi lokhu sekuqala ukuzwela empilweni.
Omunye wonogada abayisishiyagalolunye abangaholile, odonse Isolezwe Ngempelasonto ngendlebe ukuthi lingamdaluli igama lakhe, uthe sekuphele iminyaka emibili besebenza kule ndawo. Wathi inkinga yabo yokungaholi iqale ngoJanuwari ngenkathi besaholwa yiQwabe Security, okuyiyona abebenesivumelwano sokusebenzisana nokuholelana nayo.
“Akuholwanga ngoJanuwari nangoFebhuwari, kwangaba nancazelo ecacile - yaze yashaya yachitha leyo nkampani, ihamba ingasiholelile izinyanga ezimbili. Sifone saze sakhathala, sithi sizama ukulandelela umkhondo wokuthi kungani singaholelwanga, izingcingo zabo azisangeni selokhu bashiya emsebenzini abebewenza wokuba yi-agent,” usho kanje.
Eqhuba, uthe ngenyanga edlule kungene enye inkampani iThembalamashenge Security, nayo wayisola ngokubagila ngesifanayo ngenyanga edlule, bangaholelwa, ekubeni bebelindele ukuhola ekupheleni kwenyanaga njengenjwayelo.
Uthe kuthe uma bebuza ukuthi kungani bengaholanga ekupheleni kukaMashi, batshelwa ukuthi umholo wabo ovame ukuba wuR6 000 noma ngaphansana kwalokho umuntu emunye, bazowuthola ngomhla ka-15 kule nyanga.
“Kuyasikhathaza lokho ngoba kumanje asirentile ezindaweni abanye bethu abaqashe kuzona, kanti ngendlela okunzima ngayo sekuvele kuyezwela kwabanye bethu okumele bahlale bebeka izaba uma sekumele bakhokhe irenti njengoba sekuyinyanga yesithathu manje sigileka ngale ndlela. Asisathembi nokuthi sizohola ngawo umhla ka-15 lowo, kanti nesimo sempilo siyasinda njengoba singenamali nje,” kubalisa lo nogada okhathazekile.
Kuthintwa omunye wabaholi beThembalamashenge Security, uMnuz Themba Khumalo uthe kuyamxaka ukuthi le ndaba ifike kanjani kwabezindaba ekubeni bona bengabaphathi kungakaze kufike msebenzi namunye ukuzokhononda ngokuthile kubona.
“Nokuthi kuyaxaka ukuthi yini ebakhulumisayo ngoba esivumelwaneni esisenze nabo, sasivele sishilo ukuthi kuzoholwa mhla ka-15, futhi sakubeka obala ukuthi njengoba kuqalwe ukusebenza ngoMashi, kuzoze kuqalwe ukuhola kule nyanga, hhayi ngenyanga edlule. Lokho okunye kwezinye izinkampani abasebenze nazo ngeke ngiphawule kukho ngoba angikwazi futhi ngangingekho kwenzeka. Kodwa nje ohlangothini lwethu asinabala thina, futhi konke sizokwenza ngendlela esasivele sivumelane ngayo ekuqaleni,” kusho uKhumalo.
AbeQwabe Security abatholakalanga njengoba izingcingo esinikezwe zona bezingangeni.