KWENZEKE okungavamile esikoleni samabanga aphansi ngoMsombuluko ekuseni, othisha begoloza ukungena emagcekeni esikole besaba imbuzi ebikade ifile.
Iphinde yaba sematheni iBotate Primary eKwaNdengezi, eThekwini, othisha beqhinqa ngaphandle kwesango lesikole ebelivaliwe.
Kwale noma umhloli eyalela othisha ukuba bavule ngokwabo isango bangene ngaphakathi kodwa bamtshela ukuthi bayesaba.
Le mbuzi ebingasesangweni lesikole kuthiwa ibonakale ngoMgqibelo, kodwa ize yakhishwa ngoMsombuluko ngowesilisa wasendaweni ocelwe wothisha.
Kulowo mnyama kubizwe umhlangano ophuthumayo womnyango, othisha nabazali kubhungwa ngezinkinga zesikole.
Kuthiwa othisha bebekade besaba ukunyathela emagcekeni esikole ingakhishiwe imbuzi, bethi kabazi kuzokwenzakalani kongenayo.
Kwenzeka lokhu nje, umiswe wuMnyango wezeMfundo uthishanhloko walesi sikoleni ngezinsolo zokugwazisa owesifazane uR15 000. Kusolwa ukuthi wamthembisa ukumfaka ekubeni uthisha esikoleni kwathi uma ehluleka, wenza izincomo zokuba abe yi-HOD engakaze asebenze.
Umthombo weSolezwe olazi ukusuka nokuhlala udaba, uthe ezofika lo thishanhloko, wabhikishelwa ngabazali bavala isango bethi abamfuni kodwa kubikwa ukuthi wagcina esengamele isikhundla, ukusebenza kwakhe kwangacaca.
“Ngokuhamba kwesikhathi engenzi kahle enjalo, kwaphuma udaba lwakhe kwiFacebook ekhasini labakweleta abanye abantu. Udaba lwalufakwe nezithombe zikathishanhloko ngowesifazane owayefuna imali yakhe kuyena,” kusho umthombo.
Langa limbe kuthiwa kwaficwa ekhishini lesikole igazi, umsimbane nemimese okukholakala ukuthi kwashiywa ababekade behlinza isiklabhu esikoleni.
Kuthiwa ovolontiyayo esikoleni wavukwa imimoya waqonda phansi kwesihlahla ethi akumbiwe khona, kunento ekhona eyingozi, kwavukwa nesiklabhu.
“Esikoleni akugqekezwa kumane kuvulwe nje. Sisola ukuthi kwenziwa abafana abaphatha izikhiye abasondelene nothishanhloko omisiwe. Sike safika kwebiwe i-microwave ne-router yeWiFi esanikelwa yona nguNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube,” kusho umthombo.
Kuthiwa othisha babikelwe uthishanhloko obambile ngoMgqibelo, ebazisa ngembuzi esitholakale ifile esikoleni.
Umzali obekhona emhlanganweni ocele kugodlwe igama lakhe ngoba sebeke basusana nothishanhloko omisiwe, uthe kuhleze kutholwa izimvu zigqitshiwe esikoleni. Nakuba engashongo ukuthi kwenziwa ubani kodwa uthe izinkinga ziqale kumiswa uthishanhloko omisiwe.
Uthe babevele bengamfuni uthishanhloko omisiwe njengoba sekwenzela lezi zinto esikoleni sekumele ahambe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bacele abasebenzi bomnyango esifundeni iPinetown ukuba babahlinzeke ngombiko mayelana nokwenzekayo kulesi sikole.