KUMISWE ukufungiswa kwamalungu amasha eqembu Umkhonto weSizwe ePhalamende kuze kuxazululwe eyecala elifakwe abebengamalungu aleli qembu, abahoxiswa ezikhundleni zabo.
Amalungu ayishumi kwangu-18 ahoxiswa yiMK ePhalamende, aye enkantolo enkulu yaseWestern Cape, efuna kumiswe ukufungiswa kwala malungu kuphinde kuchithwe ukuhoxiswa kobulungu bawo.
Inkantolo ilihlehlisele inyanga ezayo icala ukuze inike ithuba izinhlaka ezehlukene okubalwa uSomlomo wePhalamende neMK ithuba lokufaka amaphepha kule nkantolo.
Okhulumela iPhalamende uMnuz Moloto Mothapo, uthe akukho lungu leMK elizofungiswa kuze kuxazululwe lolu daba enkantolo.
Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo izolo ummeli wala malungu, weWendy Cele and Associates, uthe icala lihlehlele uSepthemba 3, 2024.
Uthe bafake isicelo esiphuthumayo sokuthi akungafungiswa amalungu amasha ezikhundleni zamalungu ahoxiswa yiqembu.
“Amalungu akhala ngokuthi awazazi izizathu zokuhoxiswa kobulungu eqenjini okwenze ahoxiswa njengamalungu ePhalamende. Afuna kungafungiswa amalungu amasha ezikhundleni zawo. Amalungu angakhishwa ezindaweni ahlala kuzona ePhalamende,” kusho ummeli.
Uveze ukuthi amanye alawa malungu ashiya emisebenzini ayeyenza ayomela leli qembu ePhalamende.
Kwenzeka lokhu nje ibhekwe ngabomvu inkulumo yomholi waleli qembu, uMnuz Jacob Zuma, obize isithangami lapho ezokhuluma khona nesizwe eGoli namhlanje.
Angu-18 amalungu iMK eyahoxisa ubulungu bawo ikhala ngokuthi abanye babo bangena ngomkhoshosho ohlwini lwabantu ababezojutshwa yileli qembu.
Okhulumela iqembu uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uxwayise abaye enkantolo wathi sebezixoshile.
Ekhuluma neDaily News enguzakwabo weSolezwe, uthe amalungu angayilandeli imigomo yeqembu azokhonjwa indlela.
Uthe abaye enkantolo baya bazi ukuthi basemseni weqembu.
“Angiqondi kungani besiyisa enkantolo ngoba baya bazi ukuthi bazosuswa ezikhundleni zabo. Abaya ezinkantolo kumele bazi ukuthi sizobhekana nabo kanzima. Sebefana nabantu abazixoshe bona ngokuya enkantolo,” kusho uNdhlela.
Amalungu okulindeleke ukuthi afungiswe kubalwa obeyiphini likamengameli kwi-EFF uMnuz Floyd Shivambu, umculi uPenny Penny, kanjalo nabanye okubalwa uMnuz Brian Molefe, Lucky Montana nabanye.