UKUSHAYA isicabha etekisini kube yisitebhisi sokuqala esimkhuphulele phezulu ofundisa esikhungweni semfundo ephakeme, iDurban University of Technology, obethweswa iziqu zobudokotela yile nyuvesi emkhakheni weManagement Sciences.
UDkt Simiso Mabaso (42), ongowokudabuka eBergville, uthi kudingeke ashaye iminyaka emibili yonke etekisini lomngani kamalume wakhe eMlaza, ukuzama ukuqoqa imali yokubhalisa enyuvesi emva kokuthi ephothule umatric ngo-1998.
Uthweswe iziqu, iDoctor of Philosophy, kwiManagement Sciences egxile kakhulu emkhakheni wezokupheka nokuvakasha, wuphiko lwale nyuvesi oluseMgungundlovu, Indumiso, kuleli sonto.
“Ngesikhathi ngiphothula umatric nginikele eThekwini ukubheka isikhala enyuvesi. Ngamukelwa yile nyuvesi kodwa bengingenayo imali yokubhalisa. Bengingafuni ukubuyela ekhaya ngilambatha ngakho nginqume ukuthi ngibheke amatoho. Omunye wabangani bakamalume ubewumnikazi wetekisi elihambela eMlaza Kwa-M naKwa-R, wangiqasha njengomsizi womshayeli,” usho kanje.
Uthe imali ayeyithola enza lo msebenzi yayimsiza ukuthi kube khona ayihambisa ekhaya, aziphilise ngayo nokubeka eyokubhalisa. Emva kweminyaka emibili eqhuba lo msebenzi ngokugcwele, ngo-2001 wabuyela kulesi sikhungo waqala ngokwenza iNational Certificate emkhakheni, i-Tour Guiding, esiwunyaka. Ngesikhathi efunda, bekuthi ngempelasonto nangamaholidi aqhubeke nomsebenzi wokushaya isicabha ukuzenzela imali yokumelana nezinye izindleko. Ngo-2002 wenze iNational Diploma in Tourism Management okuthe ngo-2010 waphothula iMaster’s Degree emkhakheni ofanayo.
Uqale ukwenza iziqu zobudokotela kulo mkhakha ngo-2021 enza ucwaningo ngaphansi kweso likaSolwazi D Hlongwa. Ucwaningo lwakhe belugxile ekubhekeni iqhaza elibanjwe abamabhizinisi emphakathini ukuqinisekisa uzinzo emnothweni wezokuvakasha eBergville.
Ngokwalolu cwaningo, uveza ukuthi umkhakha wamabhizinisi asemphakathini usuthole ukunakwa kakhulu ngenxa yobumqoka bawo ekuqhakambiseni isintu, imvelo nenhlalo ezindaweni zasemakhaya.
Uthe ukwenziwa kocwaningo kudinga ukuthi uhambele izindawo ezihlukene ukucosha ulwazi oludingekayo okuyinto edinga imali. Uthe lokhu kungenye yezinselelo abhekane nazo ngesikhathi esenza i-PhD yakhe njengoba ubezame ukuthola uxhaso kodwa wehluleka.
Uthe uhlose ukuqhubekela phambili kwezemfundo kanti uyakuthakasela ukufundisa izitshudeni ezisuke zizokwenza unyaka wokuqala enyuvesi kwazise kulapho okusuke kwakhiwa isisekelo khona.