UFEZE isifiso sakhe wathweswa iziqu zakhe esazigcinile. UNksz Malwande Cele (24) waseThornville owethweswe iziqu zeBachelor's Degree eNyuvesi iDurban University of Technology (DUT) ophikweni oluseMgungundlovu, iNdumiso, uthe wayethembise unina ukuthi njengoba ephuma eya enyuvesi uyoze aqede ukufunda esazigcinile.
UNksz Cele uyilungu lenhlangano yezintombi nto ezifunda eDUT, Izimbali ze-DUT Virgins Club Society, uthe wajoyina le nhlangano ukuze axoxe nabantu abakholelwa kulokho naye akholelwa kukho.
Le ntokazi edonse amehlo ezibukeli ngendlela ebigqoke ngayo, iphase ngamalengiso njengoba iphase ngoCum Laude.
“Ngiwumuntu othanda ukuthi uma enza into ayenzisise. Okunye okunginike ugqozi ukubona umsunguli wenhlangano yezintombi uNksz Wandile Khumalo, ephumelela ngamalengiso ezifundweni zakhe nyakenye. Ube isibonelo esihle kithi. Usifundise ukuthi singagcini nje ngokuzigqaja ukuthi siyizintombi kodwa siqinise nasezifundweni zethu nokuyinto esilethe lapha enyuvesi," kusho yena.
Uthe ubefuna ukuba isibonelo kwamanye amantombazane asemancane ukuthi uyakwazi ukuzigcina uze ufike emshadweni.
" Siphila ezweni elinezifo ngakho kubalulekile ukuthi sizame ukuthi sigweme ukungenwa ilezo zifo ngokuthi sizigcine size sithole umshado," kusho yena.
UNksz Omega Cele (40), unina kaNksz Cele, uthe ubefikelwa ukwesaba uma ebona indodakazi yakhe ikhula ngoba engazi ukuthi ikusasa liyiphatheleni.
“Amantombazane amaningi agcina engasakwazanga ukuphothula izifundo zawo ngoba ebheke izinto eziningi. Ngijabule kakhulu ngokuthi ungenze ngaziqhenya waphothula izifundo zakhe esazigcinile," kusho uNkk Cele.