UVELE enkantolo yeMantshi eBloemfontein owayengungqungqoshe wokuMbiwayoi ngamacala athinta uhlelo lwe-Estina okwakufanele luthuthukise abasebenza kwezolimo.
UMnuz Mosebenzi Zwane uvele enkantolo nezikhulu ezimbili zenkampani yabakwaGupta iSahara Computers uRonica Ragavani no-Ugeshni Govender.
Laba babhekene namacala enkonhlakalo, ukushushumbisa imali ngohlelo lweVrede Dairy Farm lwenani likaR280 million okwakumele kuhlomule kulo abalimi abamnyama abasafufusa.
Kuthiwa imali okwakumele isetshenziselwe lolu hlelo, yafakwa enkampanini yabakwaGupta.
WATCH: Former mineral resources minister and MEC for agriculture in the Free State, Mosebenzi Zwane appears in court for the Vrede farm scandal where it is alleged that public money was siphoned to benefit the Guptas and a few others. pic.twitter.com/1jOKftwJvX
UZwane noGovender bathole ibheyili kaR10 000. Uhlele ukuwaphika wonke amacala abekwe wona.
Ummeli kaZwane unxuse inkantolo ukuthi ixegise kancane imigomo nemibandela yebheyili ikakhulukazi eyokunikezela ngezincwadi zokuvakasha.
“Sinxusa ukuthi kuxegiswe imibandela ethi umsolwa akanikezele ngezincwadi zakhe zokuvakasha ngoba umsebenzi awenzeyo uyamhambisa kakhulu, futhi kwesinye isikhathi uhambela amazwe aphesheya. Uma ezohamba angaletha uhlu lwezinhlelo zakhe kumphenyi wecala ukuze azi ukuthi akekho, uhambe ngomsebenzi futhi uzobuya nini,” kusho ummeli kaZwane.