KONKE kumi ngomumo ngombukiso wamabhizinisi kaMasipala weTheku, i-South Regional Durban Business Fair, ozoba KwaMnyandu Shopping Centre eMlaza, ngo-Okthoba 25 kuya ku-Okthoba 27.
Lo mbukiso uzosiza bonke osomabhizinisi abahlala eNingizimu yeTheku nakwezinye izingxenye zaleli dolobha ukuyozikhangisa. Ngale ndlela uvulela osomabhizinisi bendawo nezakhamuzi ithuba lokuba yingxenye yomnotho.
Esitatimendeni uMasipala weTheku, uthe i-South Regional Durban Business Fair izonika osomabhizinisi baseNingizimu yeTheku abawu-130 ithuba lokuzikhangisa. Labo somabhizinisi bafake izicelo zokuba yingxenye yalo mbukiso wamabhizinisi ezivalwe ngoSepthemba 30.
Ngaphandle kokuzikhangisa nokudayisa imikhiqizo yabo, osomabhizinisi bazobuye bancele ulwazi lwamabhizinisi, olungena ezimakethe ezintsha nolunye ezithangamini zokucobelelana ngolwazi ezihlukene.
Kuzoba nenkundla yokucobelelana ngolwazi ezothatha izinsuku ezimbili ebizwa nge-Business Indaba. Phakathi kwezihloko ezizodingidwa kubalwa ezamabhazinisi ayimifelandawonye, eyomkhakha wezokwakha nezinhlelo zentuthuko nezinye.
Kuzobe kukhona indawo yabapheki baseThekwini ebizwa ngeFlavours of Durban lapho besuke begabisa ngamakhono abo okupheka.
Zizobe zikhona nezinkampani zamafilimu ezivela eDurban Film Office ezizobe zihlomisa abantu ngolwazi lokuvikela umsebenzi wabo, ukubaluleka kwezivumelwano zokusebenzisana namathuba ebhizinisi emkhakheni wokwenza amafilimu nethelevishini.
Kuzobe kukhona ne-International Pavilion ezobe ihlomisa osomabhizinisi ngolwazi lokuhwebelana namanye amazwe, kuzobe kunezihambeli zenhlangano yosomabhizinisi i-Junior Chamber International nezePan African Chamber of Commerce. Lezi zihambeli zizonika osomabhizinisi nemininingwane yegatsha lalezi zinhlangano eliseThekwini, elizovulwa ngokusemthethweni kulo nyaka.
Abanezingane nabo bazobhekelelwa njengoba kunendawo ezojabulisa odado ngamathoyizi nokunye kokudlala, bazobuye bafundiswe ngamabhizinisi ukuze bakwazi ukuqala besebancane ukuzenzela imali yabo.
Eminye imininingwane nge-South Regional Business Fair itholakala ngokushayela u-031 266 9938.