UFUNA ubulungiswa unina womfanyana (9) waseNdwedwe ongene esibhedlela Osindisweni, ephuke ingalo kodwa kwaphetha ngokuthi anqunywe ngenxa “yobudedengu” bukadokotela.
UNksz Nozipho Ngcobo (30), uthi namanje kunzima ukwemukela ukuthi indodana yakhe ngeke isafana nezinye izingane njengoba isinengalo eyodwa.
Utshele Isolezwe ukuthi ngoLwesithathu, ngoNovemba 8, wayethume indodana yakhe esitolo, ngebhadi yashibilika yaphuka ingalo.
Wabe eseyiphuthumisa esibhedlela Osindisweni lapho udokotela owayekhona waqinisekisa ukuthi iphukile, wabe eseyifaka ukhonkolo.
“Sayalelwa ukuthi sibuye ngakusasa ukuze udokotela ezohlola abone ukuthi konke kuhambe kahle. Ngempela ngoLwesine (9 Novemba) saya esibhedlela, udokotela wayixilonga ingane wathi konke kuhamba kahle, asibuyele ekhaya,” kuchaza uNksz Ngcobo.
Uthe inkinga iqale ngakusasa ezintatha, indodana yakhe ibisikhala ngezihlungu imtshela ukuthi akuvumi yenze lutho.
Wathi uma eyihlola wathola ukuthi isithupha sivuvukele sesize sinamabhamuza.
“Ngaphuthuma Osindisweni futhi, odokotela ababekhona babiza lo ofake ingane ukhonkolo bamthethisa bemtshela ukuthi wenze okungafanele. Ngabhalelwa incwadi engithumela esibhedlela saseThekwini, i-Addington. Sahanjiswa yi-ambulensi, udokotela owayesilindile wacela ukushutha ingane wabe esethumela komunye. Wacela ukuthi ngilulekwe ngokwengqondo ngoba ingane yami isingenwe wubuthi obuningi ngenxa yokubolelwa yingalo. Wangitshela ukuthi igazi belingahambi ngenxa yokuthi ukhonkolo ubuqine kakhulu,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthi walulekwa ngengqondo wachazelwa ukuthi ukuze impilo yendodana yakhe isinde, kufanele inqunywe ingalo.
“Ngavele ngasikhihla uma ngizwa ukuthi ingane yami izonqunywa ingalo. Okubi wukuthi Osindisweni angitshelwa ukuthi isimo sibi ngendlela yokuthi umfana wami uzonqunywa ingalo. Ngagcina ngivumile ukuthi ingane inqunywe ingalo ngoba ngifuna ukusindisa impilo yayo. Ngiphatheke kabi ukuthi impilo yomfana wami ayisoze isafana, isizophila nokukhubazeka ngenxa yobudedengu bukadokotela,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe ufuna ubulungiswa ngoba odokotela base-Addington bamtshelile ukuthi kufanele yena nendodana yakhe baqhubeke nokwelulekwa ngengqondo futhi ahambe amakilasi azoyifundisa ukuzimela njengoba isinengalo eyodwa.
“Ngifuna ubulungiswa ngendodana yami. Inqunywe ingalo yakwesokudla, kusafanele ifunde ukuthi izophila kanjani nengalo eyodwa. Ngiyazi ukuthi izingalo zokufakelwa ziyabiza, angisebenzi ngiyaludinga usizo oluzokwenza ukuthi impilo yomfana wami iqhubeke. Ngifisa abe wutho uma esekhulile, ngiyabadinga abantu abazongilekelela kulesi simo engibhekene naso,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe ufuna ukukhokhelwa ukuze indodana yakhe ikwazi ukuphila impilo ejwayelekile nodokotela owamfaka ukhonkolo ajeziswe ngalesi sehlakalo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe umthetho olawula ukusebenza kwabezempilo, awukuvumeli ukudingida inkinga yesiguli nabezindaba.
“Umnyango usucele ukuba abaphathi besikhungo esithintekayo balulandele lolu daba ukuze kuthathwe izinyathelo ezifanele uma kukhona isidingo salokho. Ngokwabaphathi besikhungo, isibhedlela sixhumana nomndeni, sikhuluma nje ngoMsombuluko (namhlanje) abaphathi besikhungo bazoba nomhlangano nomndeni othintekayo," kusho uMaphisa.