USHIYE esezihlelele ukuthi zikwazi ukuzimela izingane zakhe uZanele Mbokazi Nkambule ongcwatshelwe emathuneni aseMariannhill, eThekwini, ngoMgqibelo.
UZanele (52) obengumsunguli wama-Crown Gospel Music Awards ushone ngoMsombuluko owedlule ngemuva kokuhlaselwa yisifo somdlavuza wamaphaphu.
Uhlonishwe ngomngcwabo osesigabeni sesibili ezingeni lesifundazwe.
Enkonzweni yomngcwabo wakhe ezinye zezikhulumi bezihamba emazwini okuthi zifunde lukhulu kuye.
Indodakazi yakhe uNonjabulo Mdluli, ithe ngesikhathi kushona unina omzalayo, owayelamana noZanele, uQondi, bakhuliswa nguZanele.
UNonjabulo uchaze umama uZanele njengomuntu owayesebenza ngokuzikhandla, wathi ngesikhathi esegula “wayesho izinto obonayo ukuthi uthini kodwa futhi ungafuni ukubona”.
Uthe wayesho ukuthi uyagula futhi ekhala ngezinhlungu.
“Umama wayengakhali kodwa yilapho engabona khona ukuthi uyagula. Impilo yakhe yonke wayengahlukani ne-laptop yakhe. Ezinyangeni ezintathu ezedlule wathi uyayivula i-laptop ethi uyasebenza wayivala wathi akuvumi. Kwakungokokuqala selokhu ngamazi engakwazi ukusebenza. Kwakumcasula kakhulu ukuthi akakwazi ukusebenza,” kusho uNonjabulo.
Uthe wabiza umhlangano womndeni wathi unemali futhi ucela bonke beze namacebo amabhizinisi.
Uthe wawacubungula enza nezincomo zokuthi yiliphi alibona lizosebenza. Ubonge ukwesekwa kwakhe nomndeni wabo kwaze kwaba yisekugcineni.
“Ukube ukhona ngabe uyasho ukuthi uyibonile ingqovungqovu engihambe ngayo. Igama likaZanele lizohlale likhona ingunaphakade.”
UNonjabulo ubemi esiteji nomfowabo uLindo nezingane zikaZanele ezimbili uYolanda Myeza noMawande.
Umzukulu wakhe uMazwi obehamba nabanye abazukulu u-Andiswa noNolifa, uthe uZanele ubaphe impilo efiswa ngabaningi.
Umyeni kaZanele uMbhishobhi Mpendulo Nkambule encwadini afundelwe yona, uthe ubusisiwe ngokuthola uthando lwangempela ngoba uZanele ubemthanda.
Enkonzweni bekunezikhulu zikahulumeni, osaziwayo, nabanye.
Uhlelo beluphethwe ngobunono wuThokozani MaMkhize Ndlovu noSiya Mhlongo.
Kubaculi abebenandisa kubalwa kubo uSbu Noah, Dumi Mkokstad, Benjamin Dube, Solly Mahlangu noRebecca Malope.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, ubonge uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuvumela ukuthi uZanele ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni.
Uthe yize engasekho kodwa umbono wakhe wokuthuthukisa abantu abasha nezobuciko kuzoqhubeka.
UZanele ubeyingane yokugcina kaMichael noMargaret Mbokazi abangasekho.
Waqopha umlando ngokuba ngowesifazane wokuqala ukusakaza ohlelweni lwantambama kuKhozi FM okuwumsakazo ashone esebuyele kuwo.
Uke wethula izinhlelo zethelevishini futhi wabhala izincwadi.
Ushiye emhlabeni umyeni wakhe, izingane nodadewabo uKitty Zulu.