UNDUNANKULU kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, uveze ukuthi izinkulumo zokuthi kufanele akhishwe esikhundleni sikaNdunankulu kaZulu ziqalwe usomabhizinisi waseMpumalanga oke waphakanyiselwa kwesikasihlalo weNgonyama Trust Board, uMnuz Jacob Mnisi.
UButhelezi uthe unobufakazi bokuthi uMnisi usephakamise ukuthi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siqoke uMntwana uVanana Zulu kwesikaNdunankulu kaZulu, nokuyizinsolo uMnisi aziphikayo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoMgqibelo, lapho echithe amahlebezi okuthi usezinhlelweni zokushiya lesi sikhundla asesiphathe iminyaka engu-69. UButhelezi uveze ukuthi useke wasibuza iSilo ngalokhu emhlanganweni wabo owawungoMeyi 14, kepha sangamphendula.
“ISilo ngasibuza phambi kwakhe uMntwana uVanana, kanye nomeluleki wezomthetho weSilo. Angizange ngithole mpendulo. ISilo asizange siphike noma sivume. Impendulo engayitholayo kwaba u‘hhawu’ owaqhamuka kuMntwana uVanana, ebabaza. Ngakubona kubalulekile ukuthi ngiyibuze le ndaba ngoba ithinta umuntu oke waphakanyiselwa kwesikasihlalo weNgonyama Trust Board. Amahlebezi okuthi ngiyashiya aqale la.”
UMnisi uziphikile lezi zinsolo.
“Kungimangazile okushiwo uMntwana waKwaPhindangene kwabezindaba. Akukaze kube khona mhlangano lapho okwakhulunywa khona indaba yokuthi uMntwana uVanana aqokwe njengondunankulu kaZulu. Ngiyamhlonipha kakhulu uMntwana wakwaPhindangene, ngoba iSilo esikhotheme besihlezi sisho izinto ezinhle ngaye.”
UMnisi uke waphakanyiselwa kwesikasihlalo weNgonyama Trust Board ngasekuqaleni kwalo nyaka kodwa, wabuye wahoxa.
Encwadini yakhe yokuhoxa uMnisi wakhala ngokucwasa ngokobuhlanga, wathi kukhona abakhala ngokuthi ngeke akwazi ukuphatha lesi sikhundla ngoba akasiye umZulu.
UButhelezi uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi kubukeka sengathi uMnisi ungene wagamangxa ezindabeni ezithinta ubukhosi bukaZulu.
UButhelezi uthe kule minyaka eminingi engundunankulu kumakhosi kaZulu ehlukene, kube nemizamo eminingi yokudala uqhekeko phakathi kwakhe namakhosi kaZulu.
Uthe akekho ezinhlelweni zokushiya kulesi sikhundla, kodwa futhi wathi ngeke abe nenkinga uma ehliswa esikhundleni.
“ISilo esiyosho uma sesifuna ukuqoka omunye undunankulu. Ngeke kungishayise ngamahloni ukwehliswa esikhundleni. Iqiniso ukuthi lona umsebenzi engiwenzayo ngaphandle kokuhola.”
UButhelezi wale waphetha ukuphawula ngamahlebezi okuthi uyanqaba ukusayina amaphepha asenkantolo ecaleni lombango kaZulu elizongena eNkantolo eNkulu ePitoli ngesonto elizayo.
Kunamahlebezi okuthi uButhelezi uyenqaba ukusayina amaphepha asenkantolo ngenxa yokuthi akaneme ngokuqokwa kukasihlalo omusha weNgonyama Trust Board, inkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela. Icala elizongena enkantolo liphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli, Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Kuvela ukuthi iSilo sesize saqoka abameli abasha ngenxa yokungavumelani noButhelezi.
Ukuqokwa kwabameli abasha kusho ukuthi maningi amathuba okuthi lihlehle icala ngesonto elizayo njengoba abameli abasha bezodinga isikhathi esanele ukuthi bazilungiselele. UButhelezi uthe ngeke aphawule ngezindaba ezithinta icala ngoba alikathethwa enkantolo.
Ukuqokwa kukaMzimela njengoSihlalo weNgonyama Trust Board kulindeleke ukuthi kubhungwe ngakho emhlanganweni wamakhosi obizwe uButhelezi, ozoba ngoLwesihlanu, eMpangeni.