USHONILE owesilisa oneminyaka engu-26, osolwa ngokushaya unina (72) ngesando waze wafa ezintatha zanamuhla KwaNobuhle, e-Eastern Cape.
Ngokombiko otholwe ngamaphoyisa, kuthiwa uNozipho Tshem ubelele ngenkathi kungena indodana yakhe ngabo-2 ngezintatha.
“Kuthiwa kuzwakale umsindo phakathi kwabo bobabili ngaphambi kokuba indodana igqeme unina ngesando iphindelela,” kusho uColonel Priscilla Naidu okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape.
“UTshem ushonele khona lapho, indodana yakhe yashaya yachitha. Umndeni uvule icala lokubulala. Imbangela yokuhlasela nokubulala ayikaziwa.”
Ngesikhathi amaphoyisa esendaweni yesigameko, kungene umbiko wecala lokubulala ngokungenhloso emgwaqweni omkhulu uMatanzima khona KwaNobuhle.
“Ngezikhathi zabo-4.30 ekuseni, umshayeli wemoto yohlobo lwe-VW Polo, ufike esiteshini samaphoyisa eyobika ukuthi ushayise umuntu,” kusho uCol Naidu.
“Amaphoyisa aphuthume kuleyo ndawo athola owesilisa edindilizile emgwaqweni eseshonile. Kuvele ngokuhamba kwesikhathi ukuthi lo oshayiswe yimoto yindodana esolwa ngokubulala unina,” kusho amaphoyisa.
Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.