UKUSHAYWA wonogada basemsebenzini komlisa waseMabheleni, KwaSwayimane, walimala kabi, uthi sekuphazamise izinto eziningi njengoba esesaba nokuchithekelwa wumuzi ngenxa yokungavuki kwenduku emva kokulimala.
UMnuz Scelo Khuzwayo uthe sekuphele izinyanga ezintathu ehlelwe yile nkinga. Uthe kuthe eziyela emsebenzini njengenjwayelo, wavinjwa wunogada wasesangweni lesitolo, ethi akavumelekile ukungena ngaphakathi ngoba kunecala ayesolelwa lona.
Uveze ukuthi okumkhathaza kakhulu manje wukuthi induku yakhe isiba buhlungu futhi ayisaqini ngokwanele ukuze akwazi ukuya ocansini.
“Ngiganiwe futhi nginengane eyodwa, ngakho kuyangikhathaza ukuthi indlela engalimala ngayo ngibuye ngingakwazi ukufeza umsebenzi wami wasekamelweni ngendlela efanele,” usho kanje.
“Unogada wasesangweni wathi angimnike iselula yami, ethi kusho abaphathi bakhe. Kwathi sisahleli kanjalo silinde ukuthi angingenise ngaphakathi, kwafika abanye onogada bangiqhuba ukuya kwelinye lamagumbi angaphakathi esitolo, lapho esafica khona umphathi wonogada besitolo,” kusho yena.
UKhuzwayo, oveze ukuthi wayewumshayeli womshini othutha impahla yesitolo kulesi sitolo, uthe wathi sebekulelo gumbi, umphathi wonogada wamtshela ukuthi bazwile ukuthi naye ungomunye wabantu abasolwa ngokweba impahla yesitolo, beyidayisela abantu abathile, okuyinto athi akakaze ayenze.
“Baqhubeka bengipheka ngemibuzo, bengisola ngokweba, ngabatshela ukuthi angazi lutho ngalokho. Abakukholwanga engikushoyo, becofa iselula yami, bethi babheka izinombolo zabantu engihlangene nabo ukweba esitolo, bangathola lutho.
“Basuka lapho bangithelekela ngezimpama, bangishaya nangezibhakela ngisho nangensimbi ephathwa wonogada, ngaze ngafofobala phansi. Omunye wonogada wangikhahlela ezimbanjeni nasebuntwini bami, ngalimala kabi impela nje, bajika bangangikhombisa ubufakazi obungihlanganisa nalezi zinsolo ababengihlanganisa nazo,” kulanda uKhuzwayo.
Uthe emva kwesigameko uxhumane ne-agent eyayimqashe kulesi sitolo, yacebisa ukuthi avule icala, walivula kodwa okumkhathazayo wukuthi sekuze kwaphela izinyanga ezintathu kungaboshwe muntu.
“Ngaphoqeka ukuwuyeka umsebenzi ngoba ngatshelwa nokuthi angisadingeki kulesi sitolo, bengisola ngokuthi angithembekile. Kungiphatha kabi ukuthi sekuhambe isikhathi esingaka, kodwa akukho engikuzwayo ngecala, ekubeni ngashayelwa ubala futhi ngalimala kabi nasendukwini,” kubalisa uKhuzwayo.
Kuthintwa imenenja yesitolo, uKhuzwayo athi wayesebenza kusona, ithe ayazi lutho ngalolu daba, futhi ayikaze izwe lutho ngesigameko esinjalo, yase ivala ucingo.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMgungundlovu aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, elivulwe emva kwalesi sigameko. Uthe kwashaywa kwalimala owesilisa oneminyaka engu-37 emgwaqweni uVictoria, eMgungundlovu ngoMashi 8.
UConstable Ngcobo uthe kuboshwe abalisa abathathu ngalesi i sigameko, futhi bagcine ukuvela enkantolo ngoMeyi 2.