KHETHA SANGWENI
UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uzipheke ngobhojwana izikhulu ezisebenza udaba lwamanzi e-Ikaneng, eNorth West. URamaphosa uhlangane nezikhulu ngesikhathi ehambe ngohlelo lwakhe Imbizo kaMengameli lapho ehlole khona isiphehli samanzi.
UMengameli ubehamba nongqongqsoshe bakhe bonke phambili kukhona uMnuz Senzo Mchunu, obhekene noMnyango wezaManzi neNhlanzeko.
URamaphosa uqale wayohlola umsebenzi wamanzi ngaphambi kokudlulela enkundleni yezemidlalo abezokhuluma kuyona. Zithe zifika izikhulu zimemukela, zahlangabezana nemibuzo eqinile. Uthe makubizwe izikhulu, nemeya beze kuyena ufuna ukuxoxa nabo. Bahoshwe esixukwini babekwa phambi kwemibhobho.
URamaphosa ubuze ukuthi umsebenzi umi kuphi futhi ubanjwe yini? Izikhulu ubezibuza ngokuthi zinaziphi iziqu, zinaso yini isipiliyoni futhi ethi azimchazele kabanzi ngomsebenzi.
Kuthe kusenjalo wabuza ngemali esebenzile, nesibalo sabantu abazohlomula, nemizi engaphansi kwalolu hlelo. Izikhulu zivele zaqeqebula, zaphendula yonke imibuzo kaRamaphosa wakhombisa ukuhlabeka umxhwele. Uze wachazwa wukuthi kukhona nesikhulu sowesifazane esibukeke sisincane kakhulu.
URamaphosa ucele abaphathi bomsebenzi ukuthi uma beqasha basondeze kakhulu abesifazane bahlomule ngoba nabo banamakhono namava omsebenzi.