UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uhalalisele uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha uDkt Blade Nzimande, ngokuhlonishwa ngeziqu zobuSolwazi yinyuvesi yaseBeijing, iJiaotong University.
URamaphosa uthe babongela uNzimande ngeqhaza lakhe kwezemfundo.
“Siyakuhalalisela nangokuthi uhlonishwe ngeqhaza lakho ekuqiniseni amaxhama okusebenzisana phakathi kweNingizimu Afrika neChina. Lokhu kuveza ngokusobala ubuhlakani ebuholini bakho. Sikufisela okuhle.”
UNzimande uhlonishwe ngalezi ziqu ngenyanga edlule. Ngesikhathi ezamukela, wakuveza ukuthi le nyuvesi eneminyaka engaphezu kuka-120 ikhona, iqinise kakhulu emkhakheni efana nezobuchwepheshe, ezobunjiniyela, ezokuphathwa komnotho, ezomthetho neminye imikhakha.
Le nyuvesi inezitshudeni ezingu-1 142 eziqhamuka kwamanye amazwe.
Inezitshudeni ezingu-16 888 ezenza iziqu ezehlukene, zingu-2 763 ezenza iziqu zobudokotela, ezingu-9 933 zenza iziqu zeMasters, kanti zingu-3 389 ezenza imfundo yabadala.
UNzimande uphinde abe ngusihlalo we-SACP. Phambilini wayengunobhala jikelele wamaKhomanisi iminyaka eminingi.