UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe kudingeka kube nendlela okuzopholiswa ngayo amanxeba adalwa uMbuso wobandlululo.
URamaphosa uthe izilonda ezadaleka ngesikhathi kuphethe uhulumeni wobandlululo zisabhibha namanje.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokugubha uSuku lokuBuyisana, obuseWestern Cape.
Umengameli uthe abantu bakuleli akufanele bayishaye indiva iminjunju abayizwayo.
“Njengoba siqhubekela phambili, siyazi ukuthi kunezibazi ezisikhumbuza lapho sisuka khona. La manxeba ngeke aphole uma sizovele sithi sifuna ukukhohlwa okwenzeka. Kunezinto okufanele sizenze ezizopholisa amanxeba.”
URamaphosa uthe ukuqokwa kukahulumeni wokubambisana ohlanganise amaqembu ehlukene kwenze abantu baba yimbumba.
Uthe kungokokuqala kulo nyaka ukuba amalungu amaqembu ezepolitiki ehlukene alugubhe ndawonye lolu suku.
“Ngokwedlule bekuba abantu abaqhamuka eqenjini elilodwa noma amabili. Namhlanje ngibona abantu abaqhamuka kwi-ANC, DA, PA namanye amaqembu. Simoya munye namhlanje. Phambilini besihlezi siklwebhana.”
Uqhube wathi nakuba iminingi imithetho eshaywe uhulumeni wentando yabantu okuhloswe ngayo ukuvikela amalungelo abantu, kepha abasebenzi basemapulazini basahlukumezeka.
Uthe abasebenzi basemapulazini basaxoshwa ezindlini zabo, wakhala nangokuthi abanye bahola imali encane.
“Kunomthetho esawushaya olawula ukuthi imalini encane okufanele iholelwe abasebenzi kuleli zwe. Abasemapulazini akufanele bahole imali engaphansi kwalena ebekiwe.”
Uphinde wamemezela ukuthi ngonyaka ozayo kuzoba nomhlangano lapho kuzokhulunywa khona ngesimo sezwe.
Khonamanjalo, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, wethule inkulumo emcimbini wokukhumbula impi yaseNcome.
UNtuli uthe isifundazwe sidlule ezigamekweni eziningi zodlame okubalwa kuzo udlame lwezepolitiki nezigameko zakamuva zokubulawa kwamalungu emindeni amaningi.
Uthe kubalulekile ukuba kube nokubuyisana.
“ Ngihlala ngisho ukuthi ukubulalana akusona isixazululo. Uma singaboni ngaso linye, masikhulume namakhosi nezinduna ukuze asilekelele sixazulule okwenza singaboni ngaso linye.
“Njengoba kuphela unyaka nje, kukhona abasuka koGoli nakwezinye izindawo ezikude abazoxazulula ukungezwani ngezikhali. Siyakukhuza lokho.”