UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uzolinda aze aqede ukufakaza owayeyisikhulu sase-Eskom, uMnuz Brian Molefe, kwiKhomishini ephenya ngokuLawulwa koMbuso iDlanzane, bese ephendula ngezinsolo abekwe zona.
Ohola ubufakazi, u-Advocate Pule Seleka, utshele ikhomishini ngoLwesithathu ukuthi uRamaphosa akakaphenduli incwadi ebizwa nge-3.3, ngezinsolo ezibhekiswe kuyena uMolefe ngenkampani i-Optimum Coal Holdings.
Le nkampani yayisaphethwe iGlencore. Ngaleso sikhathi uRamaphosa wayesayiphini likamengameli wezwe.
Wayephethe nekomiti lase-Eskom elaliqokwe owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ukuthi abheke izinkinga zase-Eskom.
USeleka uthe uthole umyalezo ovela ehhovisi likaMengameli ukuthi bazolinda uMolefe aqede ukufakaza bese bephendula.
“Akukho esisakutholile okuvela kumengameli okwamanje,” kusho uSeleka.
Ikhomishini icele ukuba owayephethe eGlencore, owaphika ukuthi uRamaphosa wayengusihlalo we-eOptimum Coal, ukuba abhale isitatimende ngalokho akusho.
UMolefe efakaza, ulethe izindaba ezintathu nombiko we-Johannesburg Stock Exchange, owamemezela ukuthi uRamaphosa waqokwa ukuba usihlalo we-Optimum Coal.
USihlalo weKhomishini, uJaji Raymond Zondo, uthe lezi zindaba ezibhalwe ngoRamaphosa kumele zifakwe njengobufakazi bekhomishini.
Uthe ngeshwa abasakwazi ukulandela konke osekuvela ngemuva ngoba isikhathi asenele.