YIZE ukukhokha kuhlale kungemnandi kodwa abanye abazali bayakuthokozela ukuthenga umfaniswano wesikole wezingane zabo.
Lokhu kushiwo uMnuz Zenzele Ntshalintshali waseWyebank ePinetown obezothenga umfaniswano wendodana yakhe, uNhlanzeko Ntshalintshali eGem, e-Overport izolo.
UNhlanzeko uphasele uGrade 3, ufunda esikoleni iNew Germany Primary.
UNtshalintshali uthe uma ekhipha imali ekhokhela izidingo zendodana yakhe, akakhali.
“Kuba mnandi kakhulu uma umntwana wakho ephasile, ngoba usuke ubona ukuthi uqhubekela phambili nesikole,” kusho uNtshalintshali.
Uqhube wathi uma umzali enza izidingo zengane zesikole usuke etshala okuhle.
“Uma kuyinto ezomuyisa phambili umntwana, kukahle impela,” usho kanje.
Uthe ujwayele ukumthengela ngawo uJanuwari kodwa uye aqinisekise ukuthi lokho ukwenza usanda kuqala.
“Ngisuke ngingekho emjahweni wokuthi imali izosebenziseka ngoDisemba ngoba ngiye ngiyibeke eceleni imali yezinto zakhe zesikole,” kusho uNtshalintshali.
Uveze ukuthi unina kaNhlanzeko uvamile ukumkhulula ukuthi azibambele engubaba endodaneni yabo.
Imenenja yesitolo, uMnuz Patel Muhammed, ithe yize besibona senyuka isibalo sabazali abazothenga umfaniswano wezingane zabo kodwa akukagcwali okwamanje.
Uthe kuzoqala ukugcwala ngokweqile ngesonto elizayo, sekusondele kakhulu ukuvulwa kwezikole.
Uthe eminyakeni engu-16, aqala ukuba yinxenye yesitolo, uhlale eqaphela ukuthi abazali bavame ukulinda kuze kube wumzuzu wokugcina ngaphambi kokuba bazothengela izingane zabo.
“Siyibambe ngakho, sinenqwaba yomfaniswano, ozokwanela bonke abazothenga. Siphinde saqinisekisa ukuthi sinezisebenzi ezanele ukuthi zibasize, bangazitholi bema kolayini isikhathi eside,” kusho uMuhammed.
Uqhube wathi ukulungisela ukugcwala kwesitolo, baqashe abasebenzi abangu-120 abasebenza isikhashana njengoba kuqhubeka amaholidi. Uthe laba bajoyina abalinganiselwa ku-30, abavele bekhona esitolo.
Uthe abazali baqala ukutheleka esitolo ngoNovemba, kuye ngokuya kugcwala kuze kuyovulwa izikole ngoJanuwari.
Ubuye wathi okubajabulisayo wukuthi umfaniswano wabo ubiza kahle futhi usezingeni eliphezulu, yingakho abantu sebebathembe iminyaka engaphezu kuka-52.