UPHAKATHI kukaMengameli Cyril Ramaphosa noDkt Zweli Mkhize umbango wokuhola i-ANC engqungqutheleni yale nhlangano yokukhetha ubuholi eseNasrec, eGoli, ngenyanga ezayo.
Laba baholi yibona kuphela abaphakanyiselwe esikhundleni sikamengameli amagatsha ale nhlangano, kwathi abanye abaholi abebegaqele ukuphakanyiswa bakhala ngaphansi.
Phakathi kwabaholi abebegaqele ukuphakanyiselwa kulesi sikhundla kubalwa uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma noNksz Lindiwe Sisulu.
Ememezela abaqokiwe esithangamini sabezindaba izolo, uSihlalo wekomiti lezokhetho kwi-ANC, uMnuz Kgalema Motlanthe, uthe umbango wokuhola le nhlangano uphakathi kukaRamaphosa, ophakanyiswe ngamagatsha angu-2037, noMkhize ophakanyiswe ngamagatsha angu-916.
Ngokwalezi zibalo uMkhize uhamba phambili KwaZulu-Natal, waphinde waphakanyiswa wuphiko lwesikhashana lwentsha. URamaphosa uhamba phambili ezifundazweni eziyishiyagalombili, waphinde waphakanyiswa wuhlaka lwesikhashana lomakadebona kanjalo nohlaka lwesikhashana lwabesifazane.
“Abantu abagaqele izikhundla zokuhola le nhlangano basengaphakanyiswa engqungqutheleni. Kudingeka bathole u-25% wokwesekwa ngaphambi kokuba bafakwe ohlwini lwabantu abazovotelwa,” kusho uMotlanthe.
Kwesephini likamengameli, uMnuz Paul Mashatile, ongumgcinimafa, nguyena ohamba phambili ngokuphakanyiswa ngamagatsha kulandele uMnuz Ronald Lamola, endaweni yesithathu kube nguMnuz Oscar Mabuyane.
Okuqaphelekayo wukuthi igama lephini likamengameli wale nhlangano nezwe, uMnuz David Mabuza, alibonwa nangokhalo emagameni abaholi abaphezulu abazohola le nhlangano.