UKHALE ngophuzo oludakayo nokukhulelwa kwezitshudeni uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uDkt Blade Nzimande, othe isitshudeni esisodwa kwezintathu siyakhulelwa.
UNzimande uthe u-75% walabo abasuke bekhulelwe basuke bengazihlelelanga.
Ukhale nangokuthi izitshudeni nabasebenzi basemakolishi amakhono bayabudlonya utshwala.
“Ukukhulelwa kwezitshudeni kuyinkinga emkhakheni wemfundo ephakeme. Isitshudeni esisodwa kwezintathu siyakhulelwa kanti eziningi zazo zisuke zingahlelile. Ngezinye zezinto lezi esizogxila kuzona ohlelweni lwamakhono oluzofundwa emkhakheni wemfundo ephakeme.”
UNzimande usho lokhu ngoLwesine ngesikhathi ethula iHigher Health Civic Education and Health Skills Programme lwazo zonke izikhungo zemfundo ephakeme.
Uthe lolu hlelo luzoba yiNQF Level 5 kanti zonke izitshudeni nabasebenzi ababhalisile emkhakheni wemfundo bazokwazi ukulwenza. Kudingeka iziqu ezingu-NQF Level 4 ukuzse ukwazi ukwenza lolu hlelo.
UNzimande uthe indaba yokuhlukunyezwa kwabesifazane, udaba lwezifo zengqondo ezithinta nokhwantalala, udlame ngezinye zezinto ezizofundwa ngaphansi kwalolu hlelo.
“Cishe uhhafu wabantu kuleli abaphakathi kuka-15 no-24 weminyaka bayazibulala. Ucwaningo lwango-2015 olwenziwa yinyuvesi iStellenbosch lwathola ukuthi u-12% wezitshudeni uphathwa ukhwantalala. Ukuzibulala yisona sihlava esibhekene nentsha. Ucwaningo luphinde luveze ukuthi u-60% wezitshudeni zasemakolishi kanjalo no-58% wabasebenza kulawa makolishi bayabudlonya utshwala. Ngezinye zezinto esihlose ukuthi lolu hlelo lufundise kabanzi ngazo.”
Uthe kuzophinde kufundiswe ngokukhubazeka njengoba oyedwa kwabangu-14 wabantu abasha ekhubazekile.
“Ucwaningo luveza ukuthi u-65% wamacala athinta ukuhlukunyezwa kwabesifazane kudalwa izidakamizwa, utshwala noma kokubili. Isifo sofuba (iTB) yisona esisahamba phambili ngokubulala intsha ena-15 kuya ku-24 weminyaka. Abantu abevile ku-8 million baphila nesandulela ngculazi.”
Uthe kuzofundiswa nangokuguquguquka kwesimo sezulu.
Lolu hlelo uthe luzotholakala ngazo zonke izilimi ezingu-12 kuleli.
Luzophinde lufundise ngamakhono adingwa abaqashi okubalwa ukuxazulula izinkinga, ukuthatha izinqumo, ukuvolontiya, ukukhuluma ngokukhululeka, ukugcina isikhathi namanye.
UNzimande uthe okuhle ngalo ngukuthi luzobe lutholakala nsuku zonke noma yinini uma nje unomakhalekhukhwini.
Unxuse intsha ukuthi isukumele phezulu ilwenze lolu hlelo ngoba luzoyisiza.