UKHATHAZEKILE ngemibhikisho enodlame yezitshudeni equbuke kwamanye amanyuvesi kuleli, uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uDkt Blade Nzimande, ohlabe ikhwelo lokuthi kubuyelwe ezingxoxweni ukuze kutholakale isisombululo.
UNzimande uwugxekile umbhikisho obe nodlame enyuvesi iWits ngoLwesihlanu, okucekelwe kuwona impahla kwaphazamisa nezinhlelo.
Izitshudeni zifuna kunyuswe imali yokukhokhela izindawo zokuhlala, kusulwe eyezikweletu ezindala zezitshudeni kanjalo nokulungiswa kwezinkinga ezithinta ukungaxhaswa yisikhwama sezimali iNSFAS.
UNzimande uthe izikhungo kumele zisebenzise izinhlelo zangaphakathi okubalwa nemihlangano ukubhekana nezikhalazo zezitshudeni.
“Siyayigxeka imibhikisho ehambisana nodlame uma kunezikhalazo. Le mibhikisho ayizi nezixazululo ezinkingeni ezibhekene nezitshudeni. Sinxusa izitshudeni ukuthi zibuyele emakilasini kube kusaxazululwa izinkinga ukuze kungaphazamiseki unyaka,” kusho uNzimande.
Uthe abaholi bezitshudeni ababuyele ezingxoxweni namanyuvesi ukuze kutholakale ngokushesha isixazululo.
UNzimande uthe uhlangane nomkhandlu wabaphathi bamanyuvesi i-Universities South Africa (USAf), ngezinkinga ezehlukene ezithinta iziteleka, iNSFAS nohlelo lokubhalisa emanyuvesi.
“Odabeni oluthinta isikalo semali enguR45 000 esimi kuyona yokuxhasa izindawo zokuhlala zezitshudeni, sivumelene ngokuthi kubunjwe ithimba elihlanganisa i-(USAf) nomnyango ukuze sibheke ukuthi bangasizwa kanjani. Sizobamba umhlangano kuleli sonto sibheke izinto eziningi okubalwa nokuthi ngabe ayinyuswanga yini imali yezindawo zokuhlala ukuze kuxetshulwe umkhoma kwiNSFAS, sibheke nokuthi lezo zindawo ziphephile nokunye.”
Uthe izitshudeni zikhale nangendaba yokuthi ukuze uqhubeke nokuthola uxhaso kwiNSFAS kudingeka uphase ngo-55% iziqu zakho.
“I-NSFAS ichazile ukuthi lo mgomo uzoqala ukusebenza ngonyaka ozayo. Kumanje bangu-1 million abaxhashwe yiNSFAS, kulaba abangu-532 602 bayafika ezikhungweni zemfundo kanti bahola isibonelelo sabantwana sakwaSassa. Abangu-350 014 abebevele bexhasiwe nyakenye.”
Uthe benza izinhlelo zokuthi bonke abaxhaswe yiNSFAS babhalise ngaphandle kokukhokha imali.
“Siphinde savumelana ukuthi izitshudeni ezixhaswe yiNSFAS kodwa ezikweletayo ukuthi zisayine izincwadi ezivumayo ukuthi ziyakweleta. Labo abakweleta amanyuvesi kumele banikwe imiphumela yabo ukuze bakwazi ukuyofuna umsebenzi noma baqhube izifundo zabo,” kuqhuba uNzimande.
Odabeni oluthinta labo abafuna uxhaso lweNSFAS ukuqhuba iziqu zabo ekubeni sebenazo ezokuqala, uthe kumele bathole uxhaso kwiNational Research Foundation.
“Odabeni lwezitshudeni ezingaphansi kwe-missing middle; ezingalutholi uxhaso lweNSFAS, sizokwazi ukubhekana nenkinga yazo uma sekuphothulwe uhlelo esisalubheka oluthinta nalezi zitshudeni. Nodaba lwezikweletu ezindala zezitshudeni yinto esizoyibheka kulolu hlelo esisalusebenza kanti akulona iqiniso ukuthi asenzi lutho ngenkinga yalezi zikweletu ezindala,” kugcizelela uNzimande.