UNGQONGQOSHE wemfundo ePhakeme nokuQeqesha uDkt Blade Nzimande, uthi kungaba yingozi ukunikeza izitshudeni imali yokuthi zizikhokhelele irenti ezindaweni zokuhlala. Usola ukuthi imali ingagcina isiyenza izinto ezingafanele.
UNzimande uthe yingakho kuyisikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme, ekhokhela izindawo zokuhlala. Uqhube wathi uyazi ukuthi ezinye izitshudeni zisebenzisa lemali uma ziphuza, ezinye zakha imizi yasemakubo kanti zikhona neziyinikeza abazali.
“Kukhona isitshudeni esashutha sifake isithombe somuzi onamakamelo amabili esiwakhe ngemali yeNSFAS. Siyazi ukuthi yinto engafanele lena kodwa abanye bayayenza. Le mali akuyona nje eyokuthi yenze noma yini ngaphandle kokukhokhela izidingo ezithinta ukufunda ezikhungweni zemfundo. Abanye bathatha enye imali bayinikeze abazali ukuze basize emakhaya,” kusho uNzimande.
UNgqongqoshe ubekhuluma izolo ngoxhaso lwezitshudeni nangengqungquthela yezinsuku ezimbili ehlelwe wumnyango wakhe ekhuluma ngezocwaningo ezikhungweni.
Ubalule ukuthi kunemali engaphezu kukaR5 000, abayinikeza izitshudeni ukuze zizithengele izincwadi. Uthe uyazi ukuthi ingxenye yemali isetshenziswa yizitshudeni ukuthi zithenge izinsiza kodwa enye zithenga ngayo utshwala.
Uqhube wathi yingakho bengeke bakwazi ukunika izitshudeni uR45 000, ngonyaka wokuthi zizikhokhele ezindaweni zokuhlala ngoba ezinye zingagcina zihlala emjondolo bese imali iya emaphaketheni.
Ugxeke nabaqashisa ngezindawo zokuhlala abafuna ukuthi izitshudeni zikhokhele uJanuwari noDisemba, okuyisikhathi okusuke kungafundwa ngaso.
“Abaqashisa ngezindawo zokuhlala izitshudeni kumele babe nezinye izinhlelo zokuthi ngalezi ezinye izinyanga bazoqashisa bani kuzona. Uma iNSFAS ikhokha isuke izokhokhela cishe izinyanga eziwu-10 ngoba lezi ezinye izitshudeni zisuke zingekho,” kusho uNzimande.
Uthe nyakenye bachithe uR11 billion, wokukhokhela izindawo zokuhlala izitshudeni.
“Inkulu le mali ekhishwa wuhulumeni ngonyaka. Yingakho bekumele siqhamuke nesikalo semali esizokhokhelwa izindawo zokuhlala. Uma ubheka kulesi sikalo, isitshudeni sikhokhelwa uR4 500 ngenyanga endaweni yokuhlala. Yinkulu le mali ma uwedwa.”
Ungqongqoshe usho lokhu nje, ezinye izikhungo zikhala ngokuthi le mali ayenele ngakho kumele inyuke ngoba ezinye izindawo zibiza ngaphezu kwale mali ngenyanga.
UNzimande uthe kulo nyaka iNSFAS izoxhasa izitshudeni ezevile esigidini. Ubalule nokuthi kulo nyaka bazokwethulela ikhabhinethi iziphakamiso ngokumele kwenziwe ukuxhasa ngemali yokufunda izitshudeni ezinabazali bazo abahola kakhulu abangakwazi ukuthola uxhaso lweNSFAS.