UKWANDA kwezehlakalo zodlame olubhekiswe kwabesifazane ezikhungweni zemfundo ephakeme sekwenze uNgqongqoshe walo mnyango, uDkt Blade Nzimande, wafuna zonke izitshudeni ukuthi zifundiswe ngalesi sihlava.
UNzimande ukhale ngokuthi u-10% wamacala abikwayo okuhlukunyezwa kwabesifazane enzeka ezikhungweni zemfundo.
Uthe kubuhlungu kakhulu ukuthi lesi sihlava siyanda kulezi zikhungo.
“Ngixoxa nabaphathi bamanyuvesi kanjalo nabamakolishi amakhono kuleli ukuthi zonke izitshudeni kumele zenze isifundo esithinta udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Ngalokhu sifuna uwonke wonke ezikhungweni zemfundo azi ukuthi lolu dlame yinto engamukelekile emphakathini. Ngakho wonke umuntu kumele asenze lesi sifundo futhi sibe yimpoqo.”
UNzimande uthe simvusela iminjunju isehlakalo sokubulawa kwesitshudeni uNksz Nosicelo Mtebeni, owayefunda eNyuvesi yaseFort Hare owabulawa waqotshwa isoka lakhe elalifunda kule nyuvesi, nyakenye.
“Ngaya emngcwabeni walesi sitshudeni, ubuhlungu ngisabuzwa namanje. Asikwazi ukuyeka le nto iqhubeke kanje, kumele senze okuthile singuMnyango weMfundo ePhakeme.”
Uthe akukwazi ukuthi u-51% wabantu bakuleli okungabesifazane bangahlalela ovalweni ngoba bebulawa abesilisa abangu-49%.
Uqhube wathi akumele kugxilwe kuphela emkhankasweni wodlame olubhekiswe kwabesifazane kushiywe ngaphandle abesilisa.
“Kumele sazi ukuthi izingane zabafana zona zikhuliswa kanjani. Asingagxili kuphela ekutheni silwe nodlame olubhekiswe kwabesifazane kodwa sazi ukuthi ingane yomfana ikhuliswa kanjani. Kumele sazi ukuthi yini le efundiswa abafana uma beya entabeni? Ngale ndlela sizokwazi ukuthi iziphi izinhlelo okumele size nazo ukusiza izingane zabafana,” kusho uNzimande.
Uthe uzohola le mikhankaso adinga ukwesekwa kuyona uma kuqala unyaka ozayo ukuze kuliwe nalesi sihlava.
“Ngalo mkhankaso sidinga zonke izitshudeni nomphakathi jikelele ukuthi ube yingxenye ngoba iyinkinga eyodlame olubhekiswe kwabesifazane.”
Uthe kubalulekile ukuthi abesilisa bazi ukuthi kumele kube nokulingana nozakwabo besifazane.
“Ngiyazi izitshudeni zizongitelekela uma kuqala unyaka ozayo zikhala ngezinto eziningi. Uma sekunozinzo neziteleka seziphelile, asibuye sizwane sesekane silwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane.”