UMHOLI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthembise ukufeza izethembiso abazenza ngesikhathi bekhankasela ukhetho lwangonyaka owedlule.
UHlabisa uthe bazolwela ukuthi uhulumeni wokubambisana wenza lokhu okuqukethwe umqulu we-IFP wezethembiso zokhetho. Ukusho lokho ngesikhathi ekhuluma eGoli, izolo.
I-IFP inezikhundla kuhulumeni wokubambisana kuzwelonke naseGauteng, iphinde futhi ihole uhulumeni wokubambisana ophethe KwaZulu-Natal.
UHlabisa uthe lesi simo abazithola bekusona sibabeka ethubeni elihle lokuba bafeze izethembiso abazenza ngaphambi kokhetho.
"Manje kufanele nisigade ukuthi siyazifeza yini izethembiso esazenza ngesikhathi sikhankasela ukhetho. Umqulu wethu wezethembiso zokhetho wawuqukethe amaphuzu angu-13. Kufanele nigade ukuthi siyakwenza yini lokhu okuqukethwe kula maphuzu. Sizimisele ukuthuthukisa umnotho waseGauteng naseGoli. Sifuna ukuthi bonke abantu baphile kahle.
"Umqulu wethu ukhuluma ngokulwa nobugebengu. Idolobha iGoli seliphenduke isizinda sobugebengu. Ngokubambisana nesiphethe nabo kuhulumeni wokubambisana sizolwa nobugebengu. Ngeke siguquke kulokhu esakwethembisa ngesikhathi sikhankasela ukhetho."
UHlabisa uthe bazoqala umkhankaso omkhulu wokuthi izipaza zibuyele ezandleni zabantu bakuleli.
"Elinye iphuzu lalikhuluma ngokuthi izipaza kufanele zibuyele ebantwini bakuleli. Sizoqala umkhankaso omkhulu wokuthi izipaza zibuyele ezandleni zabantu bakuleli. Sifuna ukukucacisa ukuthi asilwi nabantu bangaphandle kodwa sifuna ukuthi izipaza zibuyele kwabakuleli. Izipaza ziwumgogodla womnotho wasemalokishini nasemakhaya.
"Sinxusa bonke abanikazi bezipaza ukuba babhalise izipaza zabo ngoba kunemali engu-R500 million ebekwe eceleni uhulumeni. Le mali ibekelwe ukulekelela abanikazi bezipaza. Le mali akufanele iniphuthe."
UHlabisa uthe bafuna nokuthi baphindiselwe emazweni abo abakuleli ngokungemthetho. Uthe imithetho ekhona yenza kube nzima ukuba uhulumeni abuyisele abantu abakuleli ngokungemthetho emazweni abo.
"Sizoshintsha imithetho ukuze kube lula ukuba uhulumeni abuyisele abantu bangaphandle emazweni abo."
UHlabisa uthe uhulumeni wokubambisana awuyi ndawo.
"Ningadidwa yilaba abakhulumayo, abazibiza ngabahlaziyi. Sangena sazi kuhulumeni wokubambisana."
Kusuka ngoMashi 21 i-IFP izogubha iminyaka engu-50 yasungulwa.
UHlabisa uthe uhambo lwabo aluzange lube lula.
"Kukhona isikhathi lapho sike salahlekelwa khona amandla ezindaweni eziningi. Sakhishwa kuhulumeni kazwelonke, salahlekelwa isifundazwe iKwaZulu-Natal kanye nomasipala abaningi